INGWAZI yomculo we-Afro pop futhi enguphrojusa ohlonishwa kuleli nakwamanye amazwe, uSello "Chicco" Twala, ithi noma amadodana ayo, uLongwe noSello Jnr, angafela ejele ngeke kudikize ngisho inqulu.
Uthe akasabafuni ngisho nalapho behambe khona ngoba sebemume emphinjeni.
UChicco (61) ukhulume kanje ngesikhathi ekhuluma neSolezwe emuva kokubophisa uLongwe nomfowabo, uSello Jnr Twala ngoMsombuluko, ngoba ebasola ngokweba impahla yakhe yase-studio emba eqolo.
"Bengingadlali ngokubabophisa." Uthe laba basolwa bamhlukumeze kakhulu ekubeni bebengaqali.
Ebuzwa ukuthi kuhambe kanjani eNkantolo yeMantshi yaseRandburg, eGoli, ngoLwesibili, njengoba abasolwa bebezobingelela imantshi, uChicco uthe akazi ngoba ubengekho enkantolo.
"Angifuni nokwazi nokuthi kuhambe kanjani. Ukuthi badedelwa ngebheyili noma bayanqatshelwa anginandaba. Mina ngiwenzile owami umsebenzi ngokubahambisa emaphoyiseni. Sekukubaseshi nakubeshushisi ukuthi benzenjani ngabo," kusho uChicco.
ULongwe noSello Jnr basolwa nguyise ngokugqekeza e-studio sakhe ngesikhathi yena ephesheya kwezilwandle, e-United States of America (USA).
Ekhuluma kwi-iol, uChicco uthe bese kukaningi eyalela uLongwe ukuba aphume aphele kwakhe kodwa kulokhu ujombe uthango olude, wayogqekeza i-studio sakhe.
Uthe uwazi kahle umthelela wezidakamizwa, lapho izingane zibulala abazali bazo ngenxa yokuba yimilutha. Uthe laba bafana kade baqala bemebela.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kungakatholakali ukuthi kuhambe kanjani enkantolo.
Kwenzeka lokhu nje, uLongwe kuthiwa wayekhona kubo kaKelly Khumalo eVosloorus ngo-Okthoba 26, 2014, ngesikhathi kubulawa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa.
UKelly wayeyintombi nonina wendodakazi kaSenzo. ULongwe kuthiwa wathi galo yephuka ngosuku lwaleso sigameko.