OSOLWA ngokuba yi-slay queen esasabalalisa ividiyo yomphambili yowayengungqongqoshe womnyango wezaseKhaya nowezeziMali kuleli, uMnuz Malusi Gigaba, uziphendulele okokuqala ngezinsolo.
Unontandakubukwa oqale ukuzakhela udumo eYadini, uCindy Makhathini, uthe ukuyamaniswa nokuputshuka kwevidiyo nezinsolo zokujola noGigaba kwamfaka kolukhulu ubishi. Ngamafuphi ngo-2018 kwasabalala i-vidiyo okwathiwa iveza uGigaba ewotawota umphambili wakhe kwagcina sekunengoma ye-house eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana, ethi Imagine If This Was In Your Mouth.
UGigaba wahlambuluka kwiTwitter ukuthi ividiyo yantshontshwa efonini yakhe ngesikhathi iduniwe ngo-2016/17 futhi yake yasetshenziswa ukumqola imali ngesikhathi eqokelwa ukuba ngungqongqoshe womnyango wezeziMali ngoMashi 2017.
Owayekhulumela uGigaba ngaleso sikhathi wathi ividiyo yayiqondiswe kowayengumkakhe, uNorma Mngoma.
Emuva kwesigameko kwasabalala amahlebezi ayethi uGigaba ujola noCindy futhi nguye owaphutshuza ividiyo ezinkundleni zokuxhumana.
Ekhuluma kwiPodcast and Chill with MacG, uCindy uthe kwakungamanga ukuthi wayeyisinqandamathe somholi we-ANC.
"Angikaze ngihlangane naye futhi angikaze ngijole naye. Kodwa sengiyafisa sengathi sengingahlangana naye ukuze abantu bakhulume into ekhona...."
UCindy uthe akamfuneli umshado uGigaba kodwa ufisa ukukhokha isibhongo ngoba "ungifakile enkingeni ngoba noma yilaphi engiya khona kuvele kuthiwe 'yilo kaGigaba.“
Uthe ngolunye usuku abantu baphenduka babheka ngakuye ngesikhathi kudlala ingoma eyayikhuluma ngoGigaba. "Ngathi 'yini ngifela izinto engingazazi.'"
Uthe akusiye uGigaba owamnikeza uR100 000 wokukhukhumalisa izinqe kodwa kwakungelinye isoka lakhe. Uthe njengamanje akajoli namuntu “kodwa ngiyabambabamba lapho ngibizwa khona,” kuphetha Cindy othe walahlekelwa wubuntombi bakhe esafunda uGrade 10.