USUKU lwayizolo lushone ngezindaba ezibuhlungu zokudlula emhlabeni kwenkakha yomculo wokholo, uSolomon “Solly Moholo” Molokoane.
Lezi zindaba zidalulwe wumndeni ngesitatimende osisabalalise ezinkundleni zokuxhumana. Sithe uSolly (65) waseSoshanguve, eTshwane, ushonele esibhedlela ngoLwesithathu, emuva kokungeniswa khona kulandela ukuquleka kuchungechunge lomcimbi wokwethulwa kwe-albhamu yakhe eBotswana, ngenyanga eyedlule.
“Uzokhunjulwa kakhulu. Sengathi uhleko lwakhe lungaqhubeka nasezindongeni zaseZulwini. Asimkhumbule kakhulu ngomculo wakhe owelaphayo asinikeze wona kule minyaka eyedlule.”
Sesiphetha isitatimende, sithe umndeni uyanxusa ukuba unikezwe ithuba lokuzilela umufi ngendlela efanele nesikhathi esanele sokulungiselela inkonzo yomngcwabo. Mayelana nezinhlelo zenkonzo yomngcwabo neyesikhumbuzo, kuthiwe kuzomenyezelwa emakhasini asemthethweni kamufi.
Umndeni kaSolly, wodumo lwengoma ethi Robala ka Kgotso, ubuqeda kunxenxa umphakathi wakuleli ukuba umnikelele njengoba besewusindwa yizindleko zasesibhedlela.