KUBE nenhlokomo kutheleka iSilo uMisuzulu kaZwelithini endaweni yokudla nobumnandi esanda kuvulwa iMushroom Lounge, eMhlanga.
Isilo sifike siphelezelwa wuNdunankulu kaZulu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi noMntwana uSimphiwe Zulu wakwaMinyamanzi.
Abantu basukume bama ngezinyawo kwaba nenhlokomo yenjabulo kutheleka iSilo nabaqaphi baso kule ndawo.
Ngomlomo kaButhelezi, iSilo sithe inhloso yokuza kule ndawo ukuzoyibusisa njengoba kungeyokuqala yomuntu omnyama epheka ukudla kwesintu kule ndawo yomntakabani.
“ISilo sithe sikujabulele kakhulu ukuthi size kule ndawo epheka ukudla kwesintu. Sinxusa abantu ukuthi beze kuyona njengoba ipheka ukudla kwesintu okunempilo. Naso sithe siyakujabulela ukudla lwalolu hlobo. Okunye esikubonge kakhulu ukuthi le ndawo ivule namathuba omsebenzi kubantu njengoba kuqashwe inqwaba yabasebenzi, okungabaphekayo abawetayo nabenza eminye imisebenzi eqinisekisa ukuthi bakujabulele ukudla kuyona,” kusho uMfu Buthelezi.
Umnikazi wendawo, uSibongiseni Mbambo, uMageza, uthe naye uzizwa ebusisekile ngokuthi kuzonyathela iSilo endaweni yakhe.
“Eyi kwenzeke okungajwayelekile ukuthi iSilo size endaweni yobumnandi. Sizizwa sijabule kakhulu ngokuthi size kule ndawo. Nami bengingalindele kodwa ngithe uma ngizwa ukuthi iSilo sizovakashela eMushroom Lounge sasukumela phezulu ukwamukela iSilo,” kusho uMageza.
Ngesikhathi iSilo sifika kule ndawo kuphinde kwethulwa nabasebenzi baseMushroom Lounge kusona, nokuyilapho sizwakale sithi, ‘wamuhle mhlaba’ ngesikhathi ezinye izintokazi zizethula kusona.