AHLUKENE phakathi amabhinca nomaskanda ngesinqumo somculi kamaskandi uPhumlani “Imfezemnyama” Khumalo sokudalula amagama abantu abashela ingoduso yakhe ngasese ezinkundleni zokuxhumana.
Imfezemnyama isuse omkhulu umsindo muva nje idalula ukuthi kunabaculi abaveza izingane zabo kodwa abangabavezi onina bazo ngoba befuna ukukhokhobela ingoduso yakhe, uNosipho Dladla.
Kwabazidlisa satshanyana kuNosipho, Imfezemnyama ibale nomculi wokholo ozimukile.
Imfezemnyama ibuye yaveza ukuthi kunosomatekisi oseyisabise ngokuyidubula uma iqhubeka nokuveza amagama abantu abashela ingoduso yayo. Ithe kunenye imeya eyenza sengathi iyayiqasha kanti ifuna ingoduso yayo.
Ayigcinanga lapho Imfezemnyama ngoba ibuye yatshela izwe futhi yafaka nobufakazi bomuntu oseyikhokhele isamba sika-R24 000, wokuyivala umlomo kodwa yathi ngeke ize ithule.
“Ngiyenzeni mina le mali? Futhi wena awushongo ukuthi uzonginika imali. Namhlanje ngiyagonyuluka, nijwayele ukuthenga abantu,” kusho Imfezemnyama.
Yize abanye omaskanda beyigqugquzele ukuba ibadalule abashela uNosipho kodwa abanye bathe ize ingalinge.
Abaculi bakamaskandi abanjengoGqizile baphawulile ngalesi senzo seMfezemnyama.
“Mashobane, ezinye izinto zidinga sizikhulume njengamadoda, singalwi. Wena ungowakithi, ungabasolisi abantu. Kwabangikhonzile ngicela bebe bengilungisa amakhokho iviki liyaqala,” kubhala uGqizile.
NoMasinga ubuze ukuthi babangani neMfezemnyama. “Uma livela nelami igama ohlwini lwakho, uyakwazi okumele ukwenze.”
UMbeje unxuse abantu ukuba bamncengele Imfezemnyama ngoba kwaba yiphutha kuye “bekudlekile, ungangidaluli ngizohlawula.”
NoSaliwa uxwayise Imfezemnyama ngale trend ngoba izogcina ingcolisa amagama abantu.
Amabhinca akhwele adilika kwiMfezemnyama.
Omunye wabalandeli bomculo kamaskandi, uSakhe Mcineka, udonse Imfezemnyama ngendlebe eyitshela ukuthi umuntu wesifazane uyeshelwa ngisho noma eshadile.
“Okwesibili kwayena loyo muntu akakukhombisanga yonke imiyalezo, kukhona ongayibonanga ngoba uyimpatha unje, nawe ujabule. Phela ngeke sikufihlele thina, leyo ngane ayisiyo vele i-type yakho.
“Okokuqala nje wena awufundile, leyo nje iyo ekwenza uze upheqe iselula yayo le ngane ngoba vele uyazi uhlezi ngesinqa esisodwa. Sengivala nje qhawe, wake wahlala e-res noma e-campus,” kuphetha uSakhe.
UMtalabhi Wesikhova uthe Imfezemnyama iyophumula eCebolethu Funeral ngoba ngeke uNosipho angashelwa, “ungafa khohlwa.”
Umzukulu KaNkindla uthe Imfezemnyama kufanele izisole yona ngokuhalelwa kwengoduso ngoba umfazi owabantu abadala. “Ngifuna ukukutshela ukuthi baningi abantu abaganiwe kodwa abangenzi njengawe.”
IMfezemnyama isolwa nangokugabisa ngezithombe zengoduso ezinkundleni zokuxhumana.
Kwenzeka lokhu nje kuke kwasabalala izindaba zokuthi Imfezemnyama ijola nomunye umlisa waseMnambithi, uSabelo “Ntombeningi” Sithole.
Yize yena abuye wakuphika lokho kodwa uNtombeningi usaqhubeka nokutshela abantu ukuthi bayajola. Imizamo yokuthola ukuphawula kweMfezemnyama noNosipho ayiphumelelanga.