SISUSE umsindo isimemezelo sesikhumbuzo somculi we-Afro pop, uWinnie Khumalo, esizokwenziwa yi-ANC esikoleni iProtea Glen Combined, eSoweto, namhlanje ngo-5 ntambama.
Umholi we-MK Creatives Council, uTebogo Sithathu, uthe i-ANC iyagagamela ngoba uWinnie ubeseyilungu labo.
“Kubuhlungu ukuthi abantu bafune ukukwenza owabo ngisho ungasekho emhlabeni ngenhloso nje yokuqhakambisa igama labo ngayoyonke indlela.” N
omsunguli wamaKwaito and House Music Awards, uPerfecta Malinga noDennis Madondo, bavumelane noTebego ukuthi uWinnie ubeseyilungu le-MK Party.
Nakuba kunjalo, owayeyinhloko yoMgomo we-ANC kuzwelonke, uMnuz Jeff Radebe, uchaze uWinnie njengomculi obeyi-ANC nowabatakula kukubi kule nhlangano ngo-2008.
Ekhuluma kwinkonzo yesikhumbuzo sikaWinnie ebesiseMarket Theatre, eGoli izolo, uRadebe uthe uWinnie wafika kwi-ANC ngesikhathi kuqembuka abaholi ababenohlonze, okubalwa kubo uMnuz Mosiuoa Lekota, uMnuz Smuts Ngonyama noMnuz Mbazima Shilowa, abangabasunguli beCongress of the People (Cope).
URadebe uthe kwaphoqeleka ukuba axhumane nophrojusa uChicco Twala ukuze kuqoshwe izingoma ezazizosiza ekukhankaseleni leli qembu ukuze lingalaxazwa ngabantu.
Uthe uChicco wafika noWinnie okunguye owacula ingoma abasayisebenzisa nanamanje ethi Mina Ngiyohlala Nginje, Ngiyi-ANC. NoChicco uthe uyawazi amagalelo kaWinnie kwi-ANC.
Kule nkonzo kubuye kwakhuluma nonobhala we-ANC eGauteng, uMnuz Thembinkosi "TK“ Nciza kodwa akubanga khona okhulumela i-MK Party.
U-DJ Oskido noDJ Cleo, abasebenze kakhulu noWinnie, baveze olunye uhlangothi ngalo mculi. Bathe ubenganqeni ukukhumula aveze amabele uma kunento emcikayo.
”Ubehlanya uWinnie. Abamaziyo bazongivumela,“ kusho uCleo. Nakuba kunjalo kodwa Somizi Mhlongo uthe uWinnie ubengabulokothi utshwala nogwayi. Izingane zikaWinnie, uThando noRethabile, bavalelise unina ngomculo.
Le nkonzo beyihanjelwe nangoHhashi Elimhlophe, Ebony nabanye futhi uhlelo beluphethwe wuNtombeningi noSomizi.
Khonamanjalo: UDoc wenze okungajwayelekile ezihlelela umngcwabo wakhe nokuthi ngobani abazokhuluma nabazonandisa kuwo.
Lokhu kuvezwe wumlingisi obephethe uhlelo esikhumbuzweni sakhe, uKenneth Nkosi, eSABC Radio Park e-Auckland Park.
Naye uvaleliswe yiPure Gold aqala ukucula kuyo nezingane zakhe. Abanye ebebehambele isikhumbuzo sakhe ngoHhashi, Abigail Kubheka, Blondie Makhene nabanye.
UWinnie (51) noDoc Shebeleza (57) bazofihlwa eWest Park Cemetery Heroes Acre eGoli, ngoMgqibelo.