IMBONGI ebuye ibewumbhali nomhleli wemicimbi yobuciko, uMbali Malimela, ithi ikholwa futhi ithemba ukuthi ukuqokwa ukuba yingxenye yamaciko alinganiselwa ku-50 azoba yingxenye yohlelo lweSpring Writing, lokucobela amaciko asafufusa ngolwazi lokubhala kuzoyisiza ukuphendla indlela nentuba yokugqamisa ubuciko bayo emazweni ehlukene ase-Afrika.
UMbali usho njalo exoxa neSolezwe Ngempelasonto ngaleli thuba alitholile kulo mcimbi ozohlanganisa amaciko abalelwa ku-500, okuhlungwe kuwona kusuka kwangaphezu kuka-5 000 aseNingizimu Afrika, eLiberia, eGhana naseNigeria - lapho okuqale khona lolu hlelo.
“Wuhlelo engibona luzongisiza kakhulu ukuqhubeka ngikhulise igama lami nemisebenzi ehlukene yobuciko engiyenzayo ikakhulu ukuhlela imicimbi ngoba kungenye yezinto engisafuna ukugxila kakhulu kuyona, futhi ngingapheleli ezweni lami kuphela njengoba ngifuna nokufinyelela kwamanye amazwe ase-Afrika ukuze ngichume ngakho,” usho kanje.
Eqhuba, uthe okunye okumhlabe umxhwele ngaleli thuba wukuthi akazikhethelanga ukungena kulona, kepha ngabahleli bomcimbi abamthinta bemumema futhi bemcela ukuthi abambe iqhaza kulona, okukhomba ukuthi umsebenzi wakhe wobuciko uyabonakala.
“Kube kuhle futhi kwabayinto enkulu kimina lena ngoba kuvele nokuthi igama lami liphakanyiswe wothile kubona, obebona ngifanelwe wukuba kulolu hlelo, nabo abahleli bomcimbi okuthe uma bebheka umsebenzi wami futhi bebheka indlela engiziphatha ngayo ezinkundleni zokuxhumana babona ngifanelwe wukuba kulona,” kusho uMbali.
Kulolu hlelo bazofundisa intsha engamaciko anemisebenzi eyahlukene yobuciko engakaze ishicilelwe, bayifundise okuningi engakwazi ngokubhala nokushicilela umsebenzi wayo, okuzoba wuhlelo oluzothatha amasonto ayisithupha kusuka ngoJuni kuze kube wuJulayi, nokuzokwenziwa ngohlelo lwezokuchwepheshe besimanje.
I-Spring Writing yaqala ukwenziwa ngo-2016 isungulwa wo-Oyindamola Shoola noKanyinsola Olorunnisola baseNigeria, kanti ayigcini ngalolu hlelo kuphela kepha kunezinye izinhlelo zokusiza amaciko ukubhala, ashicilele futhi amakethe imisebenzi yawo.