UZIDONSELE amanzi ngomsele futhi umculi wokholo ngokuncoma inyanga ehlala isematheni ngezigigaba nangemikhuba engaqondakali, esusa umsindo ezinkundleni zokuxhumana.
UThinah Zungu, ongomunye wabaculi bokholo abaveza ukuthi abazisoli ngokuhlangana noKhehlelezi wodumo lwezigubhu zengcebo. UThinah uthe uKhehlelezi wayemqasha njalo ngesonto amkhokhele uR15 000 ngokudumisa imizuzu ewu-20 ngesikhathi somvalelandlini.
"Abanye banqaba baba namahloni ngobudlelwano babo noKhehlelezi kodwa mina ngeke. Ubenzile ubuntu engeseka emculweni nasebhizinisini lokwakha, wangiqasha ngamakhela iMzo Lifestyle. Engiqasha ngicula ezinkonzweni zakhe, uma kuwukuthi ubusathane njengoba kusho abanye, cha, yake yaba mihle imisebenzi kasathane," kusho uThinah.
Eqhuba uthe abantu kumele bazi ukuthi umsebenzi womculi awukho lula njengoba becabanga ukuthi impumelelo yabo isekuqashweni. “Asizikhetheli amakhasimende njengomuntu onesitolo, awukhethi ukuthi kuthenge abasindisiwe noma abangcwele kuphela. Sengivala ngale post ezongilethela ukukhuluma vele, ngithi egameni labaculi bokholo owake wabaqasha siyabonga. Abafunayo kwaziwe nabangafuni, sengiqedile okusalayo nilizwile iqiniso futhi ngeke kube kuthi nizongibulala nokunye," kuphetha uThinah.
Bamthelekele abantu bebeka imibono ehlukene ngale nkulumo yakhe.
"Njengomfundisi oyiciko usadinga ukuhlaliswa phansi ufundiseke ngobizo lwakho ngoba ozinameka lapha zishayisa ngamahloni. Zibhalwa yiciko elingumfundisi, lithini lona ibandla oliholayo," kubuza u-Andile Ndabezitha.
"UKhehlelezi ukhuphuka ngani, nani niyasebenziseka. Empeleni uzama ukusitshela ukuthi ungenza noma yini uma nje kunemali. Umuntu okholwa into eqondile ngeke azibandakanye nezisebenzi zobumnyama," kuphawula uGoodman Nsele Mangethe.
"Abanye bangaba namahloni ngobudlelwane abanabo noKhehlelezi hhayi mina. Uyabona ungumqhathi," kubuza u-Ezzedazy Jr MC.
Abanye bavumelana naye ngalokhu. "Induma ndumane eyaduma ezizweni, mbeje mbeje sihlahla somdlebe. Zibomvu izinhliziyo kwabamzondayo," kusho uSamkelozavolo Zuma.
"Ungachazi Manzini vele wonke umuntu unogobela wakhe, othi yena," kusho uNonto Ntoh Ngubane.