UKWANDA kwesibalo sabantu abadlula emhlabeni ngokuzibulala sekusukumise abaculi bakamaskandi bakhuza lo mhlola.
UMfana Wekhansela, uMjabulisi, uMbuzeni, uNtombemnyama noBheshwana bazoqala ukuqwashisa ngalesi sihlava emcimbini ozoba sehholo laseMswane, eNkandla, ngo-Agasti 24 kulo nyaka kusukela ngo-10 ekuseni.
Umsunguli wale mbizo, uSbusiso “Bheshwana” Mkhize, uthe basukunyiswe wukuzwa ngalezi zigameko ngisho naKwaZulu-Natal okuyilapho edabuka khona njengoba engumsinsi wokuzimilela eMsinga.
"Ziningi izehlakalo ezilokhu zenzeka emphakathini esikuwo la emakhaya. Nathi njengabaculi uyasifikela umuzwa wokuzibulala ngenxa yendlala kwazise amathuba mancane okuqasheka. Inhloso yethu ngale mbizo wukukhuza lo mkhokha."
UBheshwana uthe abazodingida ngokuzibulala kuphela kodwa bazobuye bakhuze nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane.
Kwenzeka lokhu nje isikhulu senhlangano elwisana nokhwantalala, iSouth African Depression and Anxiety Group (Sadag), uCassey Chambers, sadalula ephephandabeni elinguzakwabo weSolezwe, i-IOS, ukuthi phakathi kukaJanuwari noSepthemba ngo-2021 bake bathola izingcingo ezingaphezu kuka-75 000 kubantu ababehlela ukuzibulala.
Waveza ukuthi abantu besilisa yibona abazibulala kakhulu kunabesifazane kuleli ngenxa yokuthi amadoda ancamela ukufela ngaphakathi okwebutho laKwaZulu.
Ngo-2019 inhlangano yezempilo emhlabeni, iWHO, yakhipha umbiko owawuthi bangu-13 774 abantu okwabikwa ukuthi bazibulala eNingizimu Afrika ngo-2019.
Kulezi zibalo abesilisa babe wu-10 861, kuthi abesifazane babe wu-2 913. Okunye okwaqapheleka kulo mbiko ukuthi iNingizimu Afrika yayilele isithathu emazweni ase-Afrika ahlaselwe yilesi sihlava.
Ngo-2022 saba phezulu isibalo sosaziwayo bakuleli abazibulala. Kubona kubalwa umlingisi wodumo kwiYizo Yizo neZone 14, uChristopher "Gunman" Kubheka, owayengumlingisi weGenerations, uPatrick Shai, umrepha uRiky Rick, nowayengumlingisi weGomora, uSiyabonga Zubane.
Laba babelandela umrepha, uHHP, nomlingisi, uShoki Mokgapa, abazibulala ngo-2018.
Nomculi uNichume Siwundla watholakala ezibulele ngo-2019.
*Uma usola ukuthi kukhona ofuna ukuzibulala, ungathinta abeSadag ku-0800 121 314 noma uthumele iSMS ku-32312.