IZINGWAZI zomculo ezingamathe nolimu, uDkt Bhekisisa "Ihhashi Elimhlophe" Ngcobo noMfu Linah "Ebony" Khama-Ngcobo, zigubheukuqeda iminyaka engu-40 zabopha ifindo likasofasilahlane.
Lezi zithandani zithe imfihlo yazo isobala, isisekelo sothando lwazo wuNkulunkulu.
Ihhashi no-Ebony babusiswe ngezingane ezine, okunguNkosinathi (40), Ntombi Ngcobo-Mzolo (38), Jabu (35) noVusiwe (34).
U-Ebony, ongumlingisi, umculi we-Afro pop nowokholo, uthe babona balandela umyalelo kaNkulunkulu.
"UNkulunkulu uthi kuJohani 13:34 kuya ku-35, 'Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane, njengalokhu nginithandile, nani thandanani. Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana."
Uthe uma abantu abashadile bethandana akusoze kwabakhona ukuhlukumezana.
Uthe omunye umyalo kaNkulunkulu ukuba nihloniphane, unkosikazi ahloniphe umyeni wakhe kanjalo nomyeni ahloniphe unkosikazi wakhe. "UNkulunkulu ubuye athi indoda iyinhloko ekhaya. Ngakho uma inhlanhlatha, namalungu omndeni wayo azonhlanhlatha. Ifana nekhanda lesitimela. Uma ikhanda lesitimela liphuma emzileni, nomakanjani namathilogo azophuma kujantshi."
Uthe unkosikazi uthathelwa ukuzosekela indoda. Uthe okunye okwenza umshado wakhe neHhashi usimame, ukuthi akahambe ekhuluma ngobuthakathaka bomyeni wakhe esidlangaleni. "Uma ngikhuluma ngomyeni wami kubantu, kungafana nokuthi ngizihleba mina ngoba sinyamanye. Uma nibambisene kukho konke akusoze kwabakhona ukuhlukumezana."
U-Ebony uthe selokhu bathandana neHhashi Elimhlophe mhlawumbe ukungaboni ngasolinye phakathi kwabo kusewu-2% ku-100%.
Uthe bona indlela abathandana ngayo baze babizwe ngamawele. "Enye imfihlo uma uganiwe isikhathi senu esiningi usichitha nomkakho hhayi nabangani bakho. Abanye uthola ukuthi isikhathi esiningi usichitha nabangani bese amahora amabili ewachitha nomndeni. Nakhona ebuya esezolala futhi ekhathele. Leyo ndoda isithola nini isikhathi sokujwayelana nomkayo."
Esephetha u-Ebony uthe kukhona abashade isikhathi eside ngoba bethi benzela izingane.
"Uma sezihambile izingane ababoni ngasolinye ngoba abakaze bazinika isikhathi sokujwayelana njengezithandani."
Ihhashi Elimhlophe lithe indaba iqala umuntu usamshela. "Angithi uyamtshela ukuthi ufuna ukumenza umkakho. Ayikho into edlula ukuxolisa uma wenze iphutha. Ungalokhu uthi mina ngiyindoda ekubeni umkakho akugana azi ukuthi uyindoda. Kufanele wonke umuntu osemshadweni ajabule."
Uthe amadoda kufanele azi ukuthi namakhosikazi anamalungelo.
"Mina uma ngenze iphutha ngiyaxolisa, ngisho nasezinganeni zami ngiyaxolisa. Ngisuke ngizifundisa ukuthi umuntu uyaxolisa uma enze iphutha. Thina madoda sithanda ukuthi 'Yimi Ubaba', akusebenzi lokho," kuphetha Ihhashi Elimhlophe eselike lanandisa nakuMiss World.