“UYOKOTIZA” mathupha umlandeli wokuqina wezemidlalo kuleli, uMama Joy, oseFrance sikhuluma nje emidlalweni yamaSummer Olympic Games eParis.
UJoy Chauke waphumela obala ngonyaka odlule ngesikhathi kuneRugby World Cup eFrance ukuthi ufike wazitholela isoka laseFrance. Izolo unameke isithombe sakhe ehlobile emuhle, enze nezinwele ngemibala yakuleli, etshela abalandeli bakhe ukuthi umthwalo ubususobhokweni.
Nokho umbuzo osezindebeni zabaningi wukuthi le ntokazi ikhokhelwe wubani izindleko zokuhamba njengoba uNgqongqoshe wezemiDlalo, uMnuz Gayton McKenzie athi efika nje wawuvala umkhuba wokukhokhelwa kwabalandeli bokuqina imali yokuhamba namaqembu akuleli uma eya kwamanye amazwe.
UMama Joy ufake izithombe zakhe enkundleni yokuxhumana osekuthiwa i-X ukuthi esendleleni ebheke eParis futhi esebhanoyini i-Air France, ngoLwesine ebusuku. Ubuye wafaka i-video ebibhalwe ukuthi usefikile eFrance.
“Kuyibhinizisi njengenjwayelo, nguMama Joy ngiseParis, uPapa Joy uthathe izintambo...Sengiyi-super fan yakhe...”
Kuze kube yimanje, uMama Joy ubelokhu ebukela le midlalo kwithelevishini futhi eqinisekisa ukuthi abantu bakuleli bayambona enkundleni yokuxhumana iX.
Abantu abagqemeka udume lwengozi nguMama Joy nomlandeli weqembu elingasekho iBloemfontein Celtic, uBotha Msila. Baze bavalwe nje yingoba kwatholakala ukuthi kwamoshwa uR1.3 million ngalaba ngesikhathi beyokweseka amaBhokobhoko kwi-2023 Rugby World Cup eFrance.
UMama Joy usanda kuveza ukuthi isitolo sakwaSpar samqasha ukuba ezothula indondo emcimbini waso emasontweni ambalwa edlule.