NGIPHETHWE nayikhanda, sinokuthuka ukuthi kwenzekani, lo moya omubi kangaka. Noma ngabe ukuqondana kwezinto kodwa kuyangithinta ukuthi kwenzekalani. Kungani kufiwa kulandelana?’
Ukhulume kanje umsakazi woKhozi FM, uPhindile “Phindi P” Phewa emuva kokudlula emhlabeni kukazwabo, uZanele LaMbokazi-Nkambule (52) esibhedlela saseThekwini, iParklands ngezintathakusa ngoMsombuluko.
UPhindi P osakaza uhlelo lwangezintathakusa Ulibo Lokuqala, uthe ubona kufanele kukhulekwe ngempela ukuze kuvalwe uma kuwumoya omubi nesandla esibi sikaSathane, ngaphandle uma kuwukuhlela kukaNkulunkulu.
“Sidinga ngempela ukukhuleka.”
Ukhuluma kanjena nje uPhindi P, eminyakeni emithathu ukufa kubukeka kudla silaza nafumuka kulo msakazo oqengqeleza phambili e-Afrika namaphethelo futhi olele isibili emhlabeni jikelele ngabalaleli abacela ku-8 million, njengoba sekuhambe emhlabeni abasakazi abahlanu esikhathini esifushane.
Kuqale kwadlula emhlabeni owayefunda izindaba futhi ebambe iqhaza ohlelweni lomculo wamaZayoni, uSicelo "uMbhishophi" Mbokazi ngoJuni 10, 2022 emuva kokungena ephuma esibhedlela.
Ngawo lowo nyaka, bathi abalelali balo msakazo besopha emoyeni, ukufa kwaphinde kwanyonyobela uBongani "Iqhawe" Mavuso (46) ngoSepthemba 27, 2022. UMavuso wayethula uhlelo lwezingxoxo, Ezangempelasonto.
Kuthe nyakenye, sezihubela sakusha ku-2023, kwabuya futhi ukufa kwagadla ku-Irvin Sihlophe (43) ngoNovemba 10.
USihlophe washonela esibhedlela emuva kokuphuthunyiswa khona kulandela ukuhlaselwa isifo sohlangothi. Yize uSihlophe wazakhela ugazi ngokwethula izinhlelo zezenkolo nezemidlalo kodwa washona esebambe iqhaza ezinhlelweni zezemfundo.
Kuthe lo nyaka usanda kuqala kwabuya futhi ukufa kwagadla kobesakaza uhlelo lomculo kamaskandi, Usigiya Ngengoma, uBhekabakubo Prince "Beekay" Mchunu (45) ngoMashi 12. UBingelela Mpanza, owenza Usigiya Ngengoma, uvele washaya umthandazo omncane wathi "Ngenelela Nkulunkulu ophilayo."
Nabalaleli balo msakazo bahambe emazwini kaPhindi P ezinkundleni zokuxhumana ngalo mkhokha okanise oKhozini.
Omunye wabo uPhindi Malindisa uthe: "Asikapholi nakahle ngoBheka Mchunu ebesimkhonzile, sekuhamba omunye namhlanje."
UTee Mhlongo uthe Ukhozi seludinga abefundisi abanamandla bake befike bekhuleke. "Ngeke unyaka nonyaka kuyangcwatshwa."
UPhindi P uthe okumphathe kabuhlunngu kakhulu ukuthi ubezitshela ukuthi kuzoba ngozi makhaza kanti ukhukho selumuka nomoya.
Uthe akazi uzokwazi yini ukuyosebenza ngoba inhliziyo yakhe ibuhlungu ngoZanele ngenxa yeqhaza alibambe empumelelweni yakhe ngama-SABC Crown Gospel Awards.
Umphathi woKhozi FM, uSbongi Ngcobo, ubonge kakhulu abalaleli boKhozi FM ngokuthandazela uZanele kusukela aqala ukugula, wabe esenxusa ukuba kududuzwe umndeni wakwaNkambule nowakwaMbokazi ngokubehlele. Uthe wonke umndeni walo msakazo udabukile, izinhliziyo ziyopha ngenxa yokudlula emhlabeni kwale ngqalabutho.