IZINDABA zokujoyinwa kweKaizer Chiefs yisihlabani seStellenboch, uSibongiseni “Ox” Mthethwa azehlanga njengoju emphinjeni kwiziMpofana kuphela kodwa zehle esiphundu nakubalandeli bakaKhuzani, Izindlemlenze.
EzaKwaGuqa ziyithakasele kakhulu impumelelo yaleli jongo ngoba lingumlandeli omkhulu kaKhuzani egatsheni laseMtshezi lapho kudabuka khona u-Ox.
Lezi zindaba ziqinisekiswe nayiqhawe lika-Ox, uKhuzani. “Hhayi impela uNkulunkulu usebenza emfihlakalweni MaBlue Nation. Asibongele nansi insizwa eyingxenye yethu (futhi) engaphansi kwegatsha lase-Estcourt (njengoba) iyodlalela iChiefs.
Umfethu u-Ox Mthethwa ngiyafisa njengamaBlue Nation kube nomdlalo lapho khona esizogqoka uBlue ngobuningi, siphathe i-flag lethu, siyomeseka kweminye yemidlalo,” kusho uKhuzani.
Uthe uNkulunkulu uma uhamba endleleni enhle, okuhle nomusa kuyakulandela. “Ngikufisela inhlahla mfowakithi , sengathi konke kungahamba kahle,” kuphetha uKhuzani.
Nenduna yaKwaGuqa, uMsizi Mncube, uthe uNkulunkulu uyayithatha into engelutho ayihlalise namaKhosi njengoba kwenzeke ku-Ox.Uthe uyamkhumbula u-Ox eyingxenye yabalandeli ababephelezele uKhuzani ngesikhathi eyokhuluma oKhozini FM ngo-2016. Eqhuba uMsizi uthe ubesenesikhathi u-Ox engumlandeli kaKhuzani futhi engaphuthi emihlanganweni eyayisuke ibiziwe futhi engaphansi kwegatsha lase-Escourt. “Mina ngilubonile uhambo luka-Ox Mthwethwa.Esuka kwiRoyal Eagles elibhekisa kwiBlack Leopards nakwiStellenboch njengoba namhlanje esekwiKaizer Chiefs. Siyakubongela gazi,” kusho uMsizi. Uchaze u-Ox njengomdlali wasesiswini osebenza ngokuzikhandla. "Angikaze ngimbone unombolo 6 eMzansi ofukuza njengo-Ox. Leya nsizwa iyizungeza yonke inkunda, esebenza futhi nje anginawo amaningi ngaphandle kokuthi halala gazi lami.“
UMsizi uthe okumenza abongele u-Ox kanje umlando awuqophile. ”Iqiniso lithi kukhulu lokhu, ukubona umfana wasemakhaya, esimaziyo ephakama. Ethatha uBrentwood awufake ebholeni. Kukhulu gazi lokho. Uqhubeke usebenze kanzima unyaka nonyaka. Siyaziqhenya ngawe mfowethu. Asithembe uzofika uphathwe kahle ekhaya elisha, osuthe wazitholela lona,“ kuphetha uMsizi.