BATHEMBISA lukhulu osaziwayo bakuleli asebemenyezelwe ukuthi bazoba khona uma sekuhlekiswa ngo-AKA, ohlelweni iRoast of AKA.
Intokazi esingenisile emculweni, uMoonchild Sanelly, umculi ophinde abe nohlelo olukhuluma ngempilo yakhe, uPapa Penny nosomahlaya uJoey Rasdien babe ngabesibili ukumenyezelwa, kulandela uMark Fish, Nina Hastie noFrancois van Coke bona amagama abo akhishwe ngesonto eledlule.
UPapa Penny useveze ukuthi uzobukisa ngo-AKA ngalolu suku.
“Abantu bake bahlekisa ngami izikhathi eziningi ezinkundleni zokuxhumana.
Ngakho ukuba yingxenye yaIolu hlelo ngikubheke ngabomvu futhi ngifisa sengathi ngabe lolu suku selufikile,” kusho uPapa Penny.
Uthe kulolu hlelo uzofika egqoke ngendlela ehlale idonsa amehlo kwabaningi, ukuze abukeke kahle esiteji.
UJoey uthe ukuze kube mnandi kakhulu kulolu hlelo ngalolu suku yena uyofika noBonang noCassper Nyovest abayobe bengabanye bosaziwayo esiteji.
UMoonchild uthe ngenxa yokuthi kuleli useke wathola ukudeleleka okuningi emkhakheni akuwo, akukho akubona kungaba yinkinga uma sebechwensa yena.
“Ngicabanga ukuthi uma ungusaziwayo ukubonwa ngabantu uhleka, lokho nje kwethula umthwalo wezindaba ezinye ezingelona iqiniso ezihlala zikhulunywa ngawe.
Ngakho bayabona ukuthi noma bangakwenzani futhi bangakhulumani kodwa akukhona konke okukuphatha kabi,” kuchaza le ntokazi.
Lolu hlelo luzoba seThe Teatro, eMontecasino, ngoFebhuwari 21.
Kumenyezelwa laba nje, kuphinde kwaphuma olunye uhlu, olunabantu abadumile okukhona kubo umculi waseNigeria uDavido nabalingisi okukhona kubo uMoshe Ndiki noPierre Van Pletzen.
Laba bonke baveze ukuthi bakujabulele ukuba yingxenye yalolu hlelo futhi sebekubheke ngabomvu ukuthi kufice usuku okuzosakazwa ngalo lolu hlelo.
UDavido uthe, abantu base-Afrika abalindele into abangakaze bayibone njengoba emcimbini wamahlaya kungafihlwa lutho.