UTHANDO Thabethe uthi yize ekujwayele ukubonakala kwithelevishini, kodwa ukukhombisa ngempilo yakhe yangasese kusho ukuthatha elinye igxathu kulo mkhakha.
Uthe ubevele esekulungele ukuthatha igxathu elifana naleli, lokuba nohlelo olumayelana nempilo yakhe.
UThando ukusho lokhu izolo ngesikhathi kwethulwa usuku okuzoqala ngalo lolu hlelo ngo-Ephreli 15, kwiBET (129), ngo-7.30, ebusuku.
Ekhuluma ngokuvumela amakhamera amlandele empilweni yakhe yangasese, uthe ujabule ngokuvulela abalandeli bakhe umnyango ozobakhombisa okunye ngaye, kunabakwaziyo.
“Yimpilo engiyijwayele lena. Ngizobe ngingayiqali, kodwa bengazi la igcina khona, bese ngiziqhubekela nempilo yami yangasese. Ngijabule ukukhombisa abalandeli bami elinye ikhasi lempilo yami lokuthi ngiwubani ngempela.
Ngiyathemba bazokujabulela abazokubona ngikwenza ohlelweni. Lolu hlelo lusho lukhulu kimi njengoba ngingeke nje ngigcine ngokulushutha ngiphinde ngibe womunye wophrojusa balo ngaphansi kwenkampani iRedwood Production, engibambisene kuyo noTumi Maimela,” kusho uThando.
Uthe ngalolu hlelo, okunye akufisayo wukuthi lukhuthaze umuntu omnyama baqhubeke nokuzigqaja, bazazi ukuthi bayinto enkulu emphakathini abaphila kuyo.
Uveze ukuthi abanye azobonakala nabo ohlelweni wuGiven Baloyi, umngani wakhe uMantsoe “Pout” Tsatsi, udadewabo uSanele Thabethe nonina uSibongile Thabethe.