INTOKAZI elale isibili ohlelweni ama-Idols SA, uSniezy Msomi, isiveze ukuthi akuyiphathanga kabi ukungawini njengoba izizwe njengewinile.
USneizy wakwa-B eMlaza, uthe imiklomelo ayitholile ngosuku lwangeSonto nokwaziwa abantu bakuleli abahlukene ekulolu hlelo, kuye kufana nokudla umhlanganiso.
Le ntokazi amavoti ayo awavumanga ukuthi ithathe isicoco sesizini yesi-15. Isicoco salo nyaka sikhale semuka nensizwa yase-Eastern Cape uLuyolo Yiba.
Ekhuluma neSolezwe uSneizy obuyele ekhaya izolo, uthe konke okuzolandela manje usekubeka ezandleni zoMdali.
“Ngithole ithuba elifiswa abaningi lokuveza ikhono. Angifuni ukuthembisa abantu ukuthi yini engizoyenza manje ngoba uma ingasenzeki futhi bayolokhu bebambelele emagameni engawasho kodwa konke ngikubeka ezandleni zoMdali. Uyena ozongiholela entweni okumele ngiyenze kusuka manje. Engingakusho ukuthi angiyile ukuyohlala ekhaya kodwa ngiyoqhubeka lapho ngigcine khona,” kuchaza uSneizy. Uthe nogogo wakhe ujabule ngebanga alihambile kulolu hlelo.
“Ugogo ungixhase kwaze kwaba sekugcineni, ehlala engitshela ukuthi uziqhenya kangakanani ngami. Awungifikelanga umona ngesikhathi uLuyolo emenyezwa njengowinile, ngimfisela okuhle kukhona konke.”
Uveze ukuthi nengoma yakhe ethi Kungumusa, isaqhubeka nokwenza kahle futhi abantu abaqhubeke nokuyithenga njengoba kumjabulisile nokubona indlela abantu abayamukele ngayo.
“Ngijabule ukubuyela ekhaya njengoba ngilokhu ngagcina ngo-Agasti. Ngingajabula uma ngingafika bepheke ujeqe nobhontshisi njengoba yikhona kudla ebesengikukhumbule,” kuchaza le ntokazi.
Ithe izinkundla zokuxhumana kuyena ngeke zisafana nasekuqaleni njengoba kukhona amakhasi awashiya emuva kokubona abantu bemthuka.
Uthe akanandaba nokushiwo abantu ngaye okungelona iqiniso. Entsheni esafisa ukuba yingxenye yalolu hlelo, uSneizy uthe mayizimisele, ilalele bese ingadikibali, uhambo alulula.
USneizy uhlabane ngemiklomelo ebiza uR180 000 isiyonke. Kuyona kukhona uR50 000 awunikwa iTelkom; iHuawei yamnika iMediapad T5 tablet; * -5GB weData ophuma eTelkom; abakwaTruworths bamnika uR50 000 wokuthenga izimpahla kwathi iYamaha yamnika izinto zomculo zenani likaR30 000.