LUYA kude oluthinta umasipala nomcimbi ohlelwa umculi weHip Hop uCasper Nyovest iFill Up Mabhida nokulindeleke ukuthi ube eMoses Mabhida Stadium ngeDisemba 1.
Lo mcimbi ohlelwa uCasper sewuzidalele amazinyo abusheshelezi kubahleli nakubaculi bakulesi sifundazwe okudalwa nawukuthi uMasipala weTheku awufuni ukuphumela obala ngokuthi liwuxhase ngamalini lo mcimbi.
Isolezwe selike lawubuza kaninginingi lo mbuzo kodwa umasipala ubika imbiba ubika ibuzi. Ezinye zalezi zinkampani okubalwa kuzo izinhlangano ezihlela imicimbi nezamaciko zibize umhlangano ophuthumayo eMoses Mabhida ukuzocacisa ngezindaba esezisabalele, ezithinta ukuxhaswa kwemicimbi kuleli dolobha. Kwizinhlangano ezizobe zikhona kubalwa i-Afrotainment (DJ Tira), Family Tree (Cassper), Creative Workers Union of SA (CWUSA), Amadelangokubona nabanye.
Lokhu kubiza lesi sithangami esiphuthumayo zikwenza njengoba kunamahemuhemu athi uCasper uxhaswe ngemali enkulu ukudlula nemicimbi elokhu ikhona. Kwenzeka lokhu nje kuvele kunokukhulu ukukhala njengoba lomasipala uphinde wathembisa ukuthi uzofaka uR3 million ukuze kubukwe ibhola eliphakathi kweChiefs nePirates ngoMgqibelo, wathembisa uR200 000 othi uzowufaka kwaMax eMlaza nomunye ozoya e-Artizen KwaMashu, kulemicimbi yomithathu kuzokuba nobhazabhaza wethelevishini lapho okuzobe kubukwa khona ibhola.
UDJ Tira kuthiwa naye uyakhala ngoMnyango wezokuVakasha kuMasipala weTheku njengoba kuvela ukuthi sekuphele cishe iminyaka emithathu iFact Durban Rocks inikezwa uR850 000, kuphinde kuvele ukuthi iHazelmere Durban Jazz Festival eba minyaka yonke ephinde ihlelwe uMdu Ngcobo yona ithola uR500 000, nayo seyiqinise isikimu ngokuthi iyadi libe netende khona njengoba kunomcimbi okuthiwa uncintisana nayo iJazz obizwa ngeBraai Day Picnic, nayo okuthiwa uxhaswa umasipala.
Iphephandaba eliphuma kanye ngesonto lidalule ukuthi loDJ usebunqamulile ubudlelwano anabo nalo mnyango ngoba ekholwa ukuthi kudlalwa ngaye njengoba kunanenkolelo yokuthi iningi imali enikwe uCassper.
Ekhuluma naleli phephandaba eliphuma ngeSonto uTira ukuqinisekisile ukungaboni ngasolinye nomnyango wezokuVakasha nokungcebeleka eThekwini.
“Saqala ukuphikisana kwiVodacom July nonyaka. Kade baqala ukusixhasa ngalesi samba (R850 000). Benginethemba lokuthi lokho kuzoguquka kodwa kubukeka engathi kunabantu abangayithandi lento engiyenzela abantu baseThekwini. Ukuze kube nokuthula sengikhethe ukungazihlanganisi nabo,” kusho uTira.
“Lento akuyona eyami, angizenzeli mina, ngiyenza ngoba nginothando lweTheku. Nabo bayahlomula ngokuthola abavakashi abasuke bezozithokozisa kulo mcimbi.