ASIKATHATHWA isinqumo ngesikhala esivuleke ngemuva kokuthi iGagasi FM lixoshe obengumsakazi u-Asante Chiliza ekuqaleni kwenyanga.
Lo msakazi wayethula uhlelo iBreakfast Gang Gang noHope Mbhele ngo-6 kuya ku-9 ekuseni ngoMgqibelo.
Bebephinde bangene bobabili futhi ohlelweni iSunday Chill Zone ngo-2 kuya ku-6 ntambama ngeSonto.
Njengamanje uHope ubambe noHamzaa emoyeni.
Okhulumela isiteshi uKhulekani Shandu uthe kusezintweni eziseqhulwini kubo ukuthi isikhala sika-Asante sivalwa kanjani.
"Sisalusebenza lolo daba," kusho yena ngamafuphi.
U-Asante washiya iheheba le-email ngesikhathi esehamba lapho ayethi kunesikhulu esasinaye shaqa. Wathi uphendulwe imvu yomhlatshelo yisikhulu esifuna ukuziveza ukuthi siphethe.
Kule email wagcina engasishongo ukuthi singubani.
Imiyalezo athunyelelwa yona yileli phephandaba ukuthi aphawule wagcina engayiphendulanga.
Kwenzeka lokhu nje, lesi siteshi silungiselela ukuba nendumezulu yomcimbi iGagasi FM Beach Festival egubha iminyaka emibili.
Lo mcimbi uzoba sePeople's Park, eMoses Mabhida Stadium, ngoDisemba 2.
Kuzobe kunandisa uNasty C, DJ Maphorisa, TKZee, Tyler ICU, Big Zulu, Goldmax, Thinah Zungu nabanye. Amathikithi asedayise aphela.