UJABULISE abaningi umzuzu wokuhlonishwa kwabaculi abebejwayele ukubonakala emcimbini womsakazo Igagasi FM, abangasekho.
Emcimbini iGagasi FM Beach Fest nobusePeople’s Park, eMoses Mabhida, kuhlonishwe abaculi okukhona kubo u-AKA, Costa Tich noMampintsha, abadlule emhlabeni kulo nyaka nangonyaka odlule.
Kulesi sigaba kungene abaculi esiteji, bafike badansela izingoma zalaba ezihlukene.
Lowo mzuzu ujatshulelwe abaningi, njengoba laba baculi bebehlala beyingxenye yalo mcimbi minyaka yonke.
Emcimbini walo nyaka nobuhleleke kahle, njengoba uphele ngesikhathi ebesibekiwe, abaculi bebecula izingoma ezingedlule kwezinhlanu nokwenze bakwazi ukubamba isikhathi.
Abaculi abafana noNasty C, Dlala Thukzin, Lwa Ndlunkulu, Big Zulu, KO, DJ Maphorisa, TKzee, bashiye abathandi bobumnandi befuna impinda.
Abasakazi bohlelo lwantambama phakathi nesinzuku kulesi siteshi uHeazy, Khaya Dladla noZisto nabo bangene bashukumisa isiteji, njengoba uDJ ebadlalele izingoma ezehlukene badansa imidanso ehlukene bejabulisa abaladeli babo.
Ukufika kukaNtencane nomculo kamaskandi kukuveze ngokusobala ukuthi ngonyaka ozayo, lo msakazo kumele usandise isibalo somaskanda abazojabulisa abantu.
Isolezwe belilokhu lizwa izinkulumo kubantu abahlukene abancome lo mcimbi njengoba izinga lawo beliphezulu.
Abanye abaculi abanandise kulo mcimbi kubalwa uNomfundo Moh, Thina Zungu, DJ Happygal, Blaq Diamond, Tyler ICU, Professor nabanye.