BAFUNA ukuthi uqhubeke minyaka yonke umcimbi womculo owethulwe eMzumbe, iShutdawn Music Festival, ozoba ngoMgqibelo eNkanini Sports Arena.
Umcimbi ohlelwa yiSuper Swift Holdings, uzobe uqala ukuba khona futhi bahlela ukuthi ubekhona njalo ngoDisemba 31. Okhulumela abahleli uLindokuhle Gumede, uthe ukuphepha kwezethameli yikho abazokubeka eqhulwini zisuka nje.
“Ngalo mcimbi nesibambisene nabo sijabulela futhi siqhakambisa ukuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya ngokomnotho. Sigqugquzela nokuthi indawo iqhubeke nokuthuthuka ngobuciko, imidlalo namasiko,” kusho uLindokuhle.
Phakathi kwamaciko okuhlelwe ukuthi anandise, uLindokuhle ubale, uDlala Thukzin, Blxckie, Professor, DJ Happygal, Bello noGallo, Emza, Madanon, Sbo Da Poet nabanye.
“UDisemba 31 uzokwembula ikhasi elisha ogwini oluseningizimu ngalo mcimbi omusha ozoqala emini wokujabula nomculo ozoqhululwa yizilomo zaseNingizimu Afrika. Umcimbi wokubonga nokudlula esikhathini esinzima seCovid-19,” kuchazauLindokuhle.
Uthe amasango azovulwa ngo-12 emini futhi amacoolerbox azovunyelwa kuze kushaye u-8 ebusuku ngoR150. Uthe amabhodlela awavumelekile kungena amakani kuphela.
Amathikithi atholakala eWebtickets, Pick n Pay naseBoxer ngoR150 iGeneral, R250 iVOP kuthi iVVIP ibe nguR500.