UMSIKI wengqephu uSeth Shezi uthe kuzoshintsha impilo yakhe ngendlela ehlukile ukudla umhlanganiso ohlelweni lokupheka losaziwayo i-Celebrity MasterChef South Africa, evezwe iziqephu eziyisithupha kuphela kusuka ngoDisemba.
Ngalolu hlelo bebezwa amanzi ngobhoko ukuthi elakuleli selikulungele yini ukwenza uhlelo olufana nalolu njengoba lwenziwa emazweni okukhona kuwo i-Australia.
Kule sizini yokuqala ebikhonjiswa kwi-S3 ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku, bekuqhudelana osaziwayo okukhona kubo uReneilwe “Yeye” Letsholonyane, Dineo Ranaka, Holly Rey, Danie du Toit, Bohang Moeko, Armand Aucamp, Ayanda G Thabethe nabanye.
Esiqeshini sokugcina kuqale kwatholana phezulu uSeth, Dineo noHolly.
Kodwa uHolly usale kuqala kwatholana phezulu uDineo noSeth esigabeni sokugcina.
Ekhuluma ngokudla kwakhe umhlanganiso uSeth uveze ukuthi uhluleka ngisho ukuyichaza indlela azizwa ngayo, futhi akakakholwa.
“Kimi kungaphezu nje kokudla umhlanganiso. Uma usebenza ngokudla akukhona kuphela ukubheka indlela okwenze ngayo okukwenza uhlonishwe njengompheki. Kodwa indlela okuhlonipha ngayo ukudla nangendlela okwenza ngayo ngothando ikhona okukubeka esicongweni. Mina ngiyazibuza ukuthi ngikwenze kanjani lokho ngize ngifike la ngikhona manje?
“Kodwa-ke sengiyakwazi konke lokhu njengoba ngisesicongweni manje, futhi lonke ulwazi engiluthole kulolu hlelo ngizolusebenzisa kuwona wonke amazwe omhlaba engizowahambela. Ngiphatheke kahle futhi ngijabule ngokungivelele,” kuchaza uSeth.
Uthe okunye akufundile ngohambo lokupheka ukubekezela nokwenza into ehlukile ukuze idonse amehlo abantu.
Ubonge ozakwabo nabo bonke abenze lolu hlelo lwaba yimpumelelo njengoba luyoba semlandweni ngenxa yokuthi ngolokuqala ukwenziwa kuleli.
USeth uhlabane ngemali engu-R1 million okuzothi u-R500 000 no-R20 000 awuwina esiqeshini sokuqala awunike inhlangano elwela abahlwempu ukuba bathole ukudla i-Ladles of Love.