UNKOSIKAZI womculi ongasekho uMandoza, uMpho Tshabalala, uthi ujabule futhi ufikelwa usizi njengoba sebeqalile izinhlelo zokuqopha iqophamlando ngomyeni wakhe.
Iqophamlando ngempilo kaMandoza lizokhonjiswa kwiBET ezinyangeni ezizayo.
Umthombo opotshozeleIsolezwe lezi zindaba, uveze ukuthi sebeluqalile uhambo nabalingisi abahlukene, abazobonakala kuleli qophamlando nabaculi abasebenza noMandoza.
“Lonke ithimba selihlangene, kukhona abalingisi abadumile impela abazoqopha ngempilo kaMandoza, abangani bakhe, abantu asebenze nabo emculweni nomndeni wakhe,” kusho umthombo.
Uthe uWiseman Mncube uyena okwamanje okusavele izindaba zokuthi uzodlala indawo kaMandoza.
UMpho ekhuluma neSolezwe,uthe ujabule ngabalingisi asebabonile abazobonakala eqophamlandweni.
“Ngeke mina ngize ngibonakale kwithelevishini njengoba ngingayikhonzile. Kodwa ngijabule ukuthi igalelo lomyeni wami liyaqhubeka nokuhlonishwa nokusukunyelwa kuleli. Okuphinde kungijabulise ukuthi izingane zami zizobona umsebenzi kababa wazo, njengoba enye yezingane zethu ifundela umculo futhi maduzane izokhipha umsebenzi wayo,” kusho uMpho.
Uthe ohlelweni kuzobonakala impilo kaMandoza ekhula kuze kube uyadlula emhlabeni.
“Yonke imikhuba yakhe emihle nemibi izovela ohlelweni. Akukho nokukodwa esizokufihla njengoba sifuna kuhlale obala. Umsebenzi mningi kakhulu esiwenzayo kodwa siyathembisa ukuthi ekugcineni uzoba nomthelela omuhle ngenxa yokuthi abantu akade bengamazi uMandoza bazi nje umculo wakhe kuphela bazofunda okuningi ngaye njengoba bembone esemdala,” kuchaza yena.
Uthe iminyaka engu-19, abayichitha ndawonye abantu bazokubona okwenzeka kwaze kwaba yizinsuku zabo zokugcina njengoba manje sekuyiminyaka eyisithupha adlula emhlabeni uMandoza.
Uveze ukuthi naye okwamanje ngeke aze aveze okuningi ngabalingisi nenkampani eqophayo kodwa uzolinda isiteshi iBET, simemezele ngokusemthethweni.