UKUBHEKANA nezinselelo eziningi ebeziphazamisa indlela aqopha nasabalalisa umculo wakhe ngayo iminyaka ewu-15 esendimeni, kukhuthaze umculi we-Rn’B, u-Ayanda Jiya, ukwenza idili lomculo lokuzibonga nokubonga abalandeli bakhe ngokuma naye kule minyaka.
U-Ayanda waseKlerksdorp, eNorth West, kodwa osezinze eGoli, ngenxa yomculo, uzokwenza umcimbi wedili lomculo i-Ayandastand Love Tour, ngoFebhuwari 25, e-UKZN Centre for Jazz and Popular Music, eThekwini ngo-5:30 ntambama.
Exoxa neSolezwe ngalo mcimbi, u-Ayanda wodumo lwezingoma ezinomyalezo ojulile wezothando, uthe kule minyaka ewu-15 esemculweni kuningi okwenzekile nabhekene nakho, okunye kwamphula umoya nenhliziyo, ikakhulu ngoba selokho agxila endimeni konke uzenzela ngokwakhe, usasebenza ngokuzimela.
“Kulo mcimbi ngizohlonipha bonke abantu abame nami ohambweni lwami lomculo kusukela ngifika kuze kube yimanje. Ngizoqhulula nezingoma ezehlukene, iningi lazo ezizovukuza umoya wokuthandana ebantwini. Ngizosebenzisa umculo ukuchaza izindlela ezehlukene engiqonda nengazi ukuthi uthando luyilona ngayo kimina ukujabulisa abantu,” usho kanje.
Eqhuba, udalule ukuthi ngaphambi komcimbi wakhe, ngoLwesihlanu, uzokhipha ingoma ethi Let You Go, azobe endlalela ngayo i-albhamu yakhe yesithathu ezophuma nonyaka, aseqalile ukupheka ethulula umculo ozowuthaka kuyona.
“Ngenxa yokuthi ngiwumuntu okhonze ukuhlale emangaza abantu abalandeli umculo wami, angikakezukudalula okuningi nge-albhamu entsha ezayo nokunye okuhambisana nayo, kepha ngikholwa wukuthi le ngoma ezophuma nomcimbi engizowenza eThekwini, kuzonika abantu isithombe sokuhle ongizoza nakho.
“Nokho okungijabulisa ngale ngoma wukuthi ingeyokuqala ezophuma selokhu ngagcina ukukhipha umculo ngo-2023, njengoba ngike ngabhekana nezinkinga eziningi zokungakwazi ukukhipha nokusabalalisa umculo wami ngendlela engifisa ngayo.
“Izinselelo engicabanga ukuthi zingisize kakhulu ukufunda okuningi ngomculo nebhizinisi lawo engizokusebenzisa manje ukuqhubeka lapho engagcina khona,” kusho u-Ayanda.
Uthe kuzothi uma eqeda eThekwini, aqhubekele eGoli, ngoMashi 29, bese eya naseKapa ngosuku asazolumemezela, njengoba eseqedile ngakubo, lapho awuqale khona nyakenye.
Lo mculi (37), igama lakhe lokuzalwa wuSibongile Ayanda Sizwesiyanda Jiya. Ugqame emculweni nge-albhamu yakhe yokuqala yango-2019, ethi Ayandastand, elanywe ngeyesibili yango-2023, esihloko sithi A Tale Of A Fallen Queen.
Umcimbi wakhe oseThekwini uxhaswe yi-Concerts SA, Festival Enterprise Catalyst, Samro, National Treasury Jobs Fund ne-IKS Cultural Consulting. Amathikithi okuwubuka ayatholakala eWebtickets ngo-R65 izitshudeni, R95 abahola isibonelelo sikahulumeni sabakhulile no-R130 abanye abadala.