UMETHULI wezinhlelo, uPhumeza Mdabe, uthi izinkinga ezihlukene ezinye ezithinta isiko abahlangabezane nazo empilweni, yizona eziholele ekutheni baqophe umshado wabo.
NgoSepthemba 24, kuzobonakala iziqephu ezine zohlelo oluthi PS: I Love You, Phumeza and Shota’s Wedding Special.
Lolu hlelo luzokhonjiswa kwiMzansi Magic (161), ngoMgqibelo, ngo-6 ntambama.
UPhumeza uthi benoShota bashada ngokubhala kodwa izinkinga abahlangabezane nazo, zibenze babona isidingo sokuthi balungise izinto ezithinta amasiko abo, ngaphambi kokuthi bagcagce.
Ekhuluma neSolezwe, uPhumeza uthe ukube yena noShota bashada kudala, ngabe babedlala ngesikhathi.
“Yithina esikhethe ukuya eMultichoice siyobatshela ngezinjongo zethu, zokuthi kungani sifuna ukukhombisa ngokwenzeka ngesikhathi silungiselela umshado wethu wesintu?
“Isiko yilona esifuna ukuliveza njengoba siqhamuka emasikweni angafani. Empilweni yethu kuke kwaba nzima kakhulu kodwa kuthe lapho sithola okumele sikwenze nokuthinta umndeni wethu, izinto zaqala zalunga. Kuthe sekulunge konke, sabe siyashada umshado wesintu,” kusho uPhumeza.
Uthe amadlozi abo bekumele bawalungisele kakhulu nababona ukuthi kuholele ekulungeni kwezinto empilweni.
“Bese sinesikhathi eside sathandana, futhi abantu bebesibuza ukuthi sihlaleleni? Besidinga umuzi kuqala bese sigcina ngomshado. Amalobolo, uShota wawahambisa kudala kodwa sakhetha ukuyobhala singabi nomshado omkhulu, ekubeni izinto zingalungile. Sesikulungisile konke futhi konke sikwenze ngohlelo kwaze kwafika lapha sikhona manje,” kusho uPhumeza.
Uveze ukuthi kulezi ziqephu, bazoveza kusuka kumembeso kuze kugcine emshadweni wabo omhlophe.
Uveze ukuthi ababukeli bazolujabulela uhlelo futhi kukhona abazosizakala ngakho.