KULINDELEKE ukuthi udonse izinsuku ezimbili okokuqala ngqa umcimbi iDurban Jazz Festival, ezobanjwa okokugcina kulo nyaka eHazelmere Dam.
Lo mcimbi uzobanjwa kusuka ngoDisemba 26 no27.
Umhleli wawo, uMdu Ngcobo, uveze ukuthi bazoba nomcimbi ojwayelekile eHazelmere nala bezobe bebophele khona izingqungqulu zabaculi bakuleli emkhakheni we-Afro soul ne-jazz.
Uthe ngoDisemba 27, bazobe sebeba nomcimbi iDurban Jazz Festival: Ultimate Music Experience ezoba se-ICC eThekwini.
“Kulo nyaka sigubha iminyaka engu-21 lo mcimbi waba khona. Ngakho uma ingane yenzelwa iphathi yeminyaka efana nalena kuba khona imibungazo ehlukene, nathi sikhethe ukwenza lokho kulo nyaka.
“Sizoba nemicimbi emibili kuyona esifuna abantu abalokhu bejabulela lo mcimbi nathi beqhubeke bebe nomuzwa ofanayo kusuka usaqala kuze kube manje. Sikhethe ukuthi le micimbi siyihlukanise ngalolu hlobo ukuze abaculi babe baningi singenzi nje umcimbi owodwa ozosheshe uphele abantu bengajabule,” kuchaza uMdu.
Uveze ukuthi emcimbini waseHazelmere kuzonandisa abaculi okukhona kubo iMafikizolo, Hotstix Mabuse, Brenda Mntambo, Naima Kay, Lwa Ndlunkulu, Jimmy Dludlu, Langa Mavuso, Afrosoul nabanye okukhona kubo noDJ.
Uthe ngosuku lwesibili balindele ukuthi abantu e-ICC bafike befake izingubo ezimnyama ezihambisana nombala osagolide.
Kulowo mcimbi uveze ukuthi kuzonandisa abaculi okubalwa kubo uZonke, Zoe Modiga, Nduduzo Makhathini, Madala Kunene nabanye.
Kubaphathi bohlelo athe bazobonakala kuyona yomibili imicimbi kubalwa uSomizi, Vanessa Marawa, DJ Oros, Thah Simelane noMzokoloko.
UMdu uveze ukuthi eHazelmere bazomemezela indawo entsha la kuzobanjelwa khona lo mcimbi ngonyaka ozayo.