KULINDELEKE ukuthi kube nezinguquko ezizoqhubeka nokukhombisa ubuhle bomcimbi wengoma Ingoma Kazwelonke, ezobanjelwa ePeoples Park, eThekwini ngoJuni 22.
Kulo mcimbi osubanjwe iminyaka emibili, kusuke kuqhudelana amaqembu endlamu aqhamuka ezweni lonkana.
Kulo nyaka, omunye wabahleli balo mcimbi, uXolani Mcineka uveze ukuthi emaqenjini angu-62 azobe eqhudelana, angaphezu kuka-50 azobe eqala ukuba kulo mcimbi.
“Uma kungathiwa sithi kulo mcimbi sivumela amaqembu engoma wonke akhona, ngeke uze uphele ngosuku olulodwa. Kodwa ithimba elihlela lo mcimbi lakhetha ukuthi iminyaka emibili uma lo mcimbi usaqhubeka sizoba namaqembu awodwa, bese kuthi ngonyaka wesithathu ashintshe kungene amanye. Kulo nyaka iningi lamaqembu masha futhi sijabule ngendlela isasasa eliqhamuka emagoseni ngokuba yingxenye yawo. Amanye abuyayo ngenjongo yokuthi abe negalelo ekuqhakambiseni lo mcimbi ngezinto ezahlukene amagosa akhona akade ezenza beyingxenye yawo. Injongo yethu njengabahleli balo mcimbi ukuthi siqhakambise wonke amaqembu emkhakheni wengoma,” kusho uMcineka.
Uthe ifolo lomaskandi, okungabaculi bakamaskandi abahlukene, nalo lizobe likhona kulo mcimbi ukujabulisa izinkumbi zababukeli abazobe bekhona.
“Siyanxusa ukuthi abantu bagcine isikhathi ukuze umcimbi uqale ngesikhathi futhi uphele ngaso. Kulo nyaka okunye esihlele ukuthi sikwenze ukubheka abazobe bewuhambele ukuthi bahlobe kanjani, njengoba sazi ukuthi imfashini ngenye yezinto ezidonsa amehlo kule micimbi. Ngakho izihambeli zethu mazigqoke ziconse ngemfashini yazo ezobe ibhekiwe,” kuchaza yena.
Uthe amathikithi eVIP neVVIP aseyatholakala.
Ugcizelele ukuthi abawadingayo basheshe babathinte njengoba kwaziwa ukuthi ayinyama.