UKUBUYA kukaBonga Dlamini kuzokwenza ababukeli bangahlukani nomdlalo oshisa izikhotha Uzalo mdlalo.
UBonga uzoqala ukubonakala kulo mdlalo ngenyanga ezayo esalingisa indawo kaMkhonto, okungumfowabo omncane kaMuzi Xulu (okuyindawo eyayilingiswa nguMpumelelo Bhulose).
UMkhonto wakhonjwa indlela kulo mdlalo ngoDisemba 2015.
Yize kwakuthiwe uzishiyele kodwa yena waphumela obala waveza ukuthi akazisulelanga kodwa waxoshwa. Umthombo ongashayi eceleni uthe uMkhonto uzosusa kushisa kulo mdlalo.
“Uzobhincisela nxanye uNkunzi ebhizinisini. Kuzoshuba impela,” kusho umthombo.
Uthe ukubuyiswa kukaBonga kudalwe yingcindezi ebifakwa ngabalandeli balo mdlalo.
Selokhu uBonga axoshwa kulo mdlalo, abamba iqhaza kuwo ukuwubeka ezingeni eliphezulu, ubelokhu ebamba amatoho futhi waze wagcina esedayisa nezikhwama.
Le nsizwa yaseBulwer, maphakathi neKwaZulu-Natal ike yathi xinti kwiSibaya, Isithembiso nakwiRhythm City.