OBENGUMSAKAZI woKhozi FM futhi ehlela imicimbi u-Irvin Sihlophe, uzohlonishwa emcimbini wokholo Uvukile Gospel Festival, nonyaka.
Nonyaka kuhlelwe ukuthi kube nehora lapho kuzokhunjulwa amagalelo kaSihlophe, imisebenzi yakhe nokumhlonipha ngomsebenzi awenzile ekuhleleni umcimbi wokholo iminyaka ewu-10, selokhu wasungulwa.
UPastor Mjosty osesele yedwa ekuwuhleleni, udalule ukuthi ifestiveli yomculo wokholo izokuba ngeSonto, langePhasika.
Ekhuluma neSolezwe, udalule ukuthi nonyaka kuningi abahlele ukukwenza emcimbini womculo wokholo ngenhloso yokukhumbula uzakwabo owenze omkhulu umsebenzi kuwona kusukela uqala.
“Sisebenze noSihlophe iminyaka eminingi sihlela lo mcimbi owaziwa njengeminye emikhulu kuleli nasemazweni angaphandle. Ubudlelwane bethu sisebenza ngokubambisana kuwo iminyaka ngaphandle kwezihibe, kwenze ngabona ukuthi kumele nakanjani simhloniphe ngendlela uSihlophe. Lokhu sawuqala kuthina sobabili akekho owake wangaba bikho. Ngakho kuzoba yisikhathi esinzima kulo nyaka. Ukumhlonipha kuzoba yihora lonke elikhethekile simbonga,” kuchaza uMjosty.
Uqhube wathi okunye abazokwenza emcimbini womculo wokholo ukukhulekela ukuthula ngoba elakuleli libheke okhethweni lukazwelonke.
"Njengoba sibheke okhethweni kuningi okusazokwenzeka ngakho sifuna ukukhulekela abaholi bethu bonke ukuthi konke abakwenzayo kube nokuthula. Sizosebenzisa wona lo mcimbi ukukhuleka abaholi abazobe besihambele, bacele kuNkulunkulu ukuthi konke abakwenzayo kube nokuthula,“ kuchaza uMjosty.
Maduzane udalule ukuthi bazomemezela abaculi abazonandisa emcimbini womculo wokholo ozokuba eGamalakhe, ePort Shepstone.