UMSINDO ngengoma ehlukanisa unyaka esiteshini somsakazo Ukhozi FM, usuphoqe izikhulu zenhlangano yokusakaza i-SABC, ukuthi zizifikele mathupha ukuzophenya ngomsuka wale ndaba, okuthiwa isidale ukungenami kubanasebenzi besiteshi esiseThekwini.
Ngokuthola kweSolezwe, izikhulu ezengamele imisakazo yeSABC, uNada Wotshela noSiphelele Sixaso, zihlangane nabasebenzi boKhozi ngesonto eledlule emhlanganweni okuthiwa ubudle ngokushuba.
Imithombo yeSolezwe engaphakathi kwaso isiteshi, ithe inhloso bekuwukuthi abasebenzi bagonyuluke ngakho konke ukungaphatheki kahle abakuthola.
Lokhu kulandela nokuthi kube khona izikhawu eziningi lapho abasebenzi bebhala khona nasezinkundleni zokuxhumana, bezwakalisa ukungaphatheki kahle.
Abaphathi boKhozi, uSbongi Ngcobo, umphathi wezinhlelo uPearl Maseko nomphathi wezokukhangisa, uLwazi Mthabela kuthiwa bacelwe ukuthi bangabi semhlanganweni.
Kuthiwa yilapho ithimba lezomculo lizwakalise ukukhala ngendlela izinto ezenzeke ngayo ngomncintiswano Ingoma Ehlukanisa Unyaka.
“UZanda (Mthembu) ubuze ukuthi kungani bevalelwe ngaphandle ngento ethinta umculo (ekubeni) kuyibo abengamele umculo odlala esiteshini? Uze waveza ukuthi ingoma kaKhuzani (Umjolo Lowo apike kuyo uLuve) yayisadlale kathathu kuphela ngaphambi kokuthi ingene kwi-top 10 yezingoma ezihlukanisa unyaka, okuyinto engakaze yenzeke,” kusho umthombo.
Umjolo Lowo kwagcina kuyiwo odle umhlanganiso.
Omunye umthombo, nawo okuqinisekisile ukuthi kwavezwa ukuthi ingoma yayisadlale kathathu uthe: “UZanda wayezwakala ecasukile, okungenzeka ukuthi mhlawumbe abantu (abalaleli) basola bona ngokwenzelela.”
Omunye uthe esinye isikhalo, kwaba wukuthi phambilini abasebenzi besiteshi babehlangana ndawonye bakhethe izingoma zabo, bese ziqhathaniswa nezizovotelwa ngabantu, ukuze kukhethwe i-top 10.
Nyakenye kwavotwa kuphela, abalaleli bathumela ama-SMS.
Omunye umthombo uthe esinye isikhalo kwaba wukuthi ayikho indlela eqondile umncintiswano ohamba ngayo ngoba abalaleli batshelwa izinto ezihlukile minyaka yonke.
Abaphathi abakhulu okunye abakwenzile wukuthi banike uSbongi izinsuku ehlezi ekhaya engezi emsebenzini njengoba kusaqhubeka uphenyo lwangaphakathi.
Okhulumela i-SABC, uMmoni Seapolelo, uthe kuyayikhathaza i-SABC ukubona kuvumbuka imikhankaso yokuthola amaphutha kwiNgoma Ehlukanisa Unyaka yoKhozi FM.
“Njengazo zonke izinhlangano, i-SABC iba nemihlangano yokuthuthukisa imikhankaso yayo. Lokhu akukho okushaya amanzi ngakho. Kumele kuvele kodwa ukuthi imihlangano yangaphakathi ngeke kukhulunywe ngayo esidlangaleni, ngakho abaphathi ngeke baze baveze mininingwane ngemihlangano nabasebenzi kumuntu noma abezindaba,” kusho uMmoni.
Uthe:“Akulona iqiniso ukuthi ingoma kaKhuzani yadlala kathathu esiteshini. Iqiniso wukuthi ingoma yafakwa kusenesikhathi ukuze ikwazi ukuba negunya lokuba yingxenye le-top 10 yomncintiswano.”
Ucelwe imigomo nemibandela yomncintiswano, wangayiletha ngaphandle kokuthi yadalulwa.
“Abaphathi bafuna ukukubeka kucace ukuthi Ingoma Ehlukanisa Unyaka akuyona into eyenziwa ngumuntu oyedwa. Yinto eyenziwa ngokubambisana kwabaphathi, ithimba lokukhangisa nelomculo. Njengenjwayelo, awukho umncintiswano isiteshi esiwuqala ngaphandle kokuveza imigomo nemibandela emoyeni.”