ISIHLABANI saphesheya kwezilwandle, uChris Walker sinxuse abantu baKwaZulu-Natal ukuthi batheleke ngobuningi babo njengoba sizoba noncimbi eThekwini nozakwabo, uRegina Belle.
Laba bazoqhulula izingoma zabo zothando emcimbini, iThe Platnum Lounge Present Chris Walker and Regina Belle, ngoDisemba 1 e-ICC, eThekwini bese beya eSun City Superbowl ngoDisemba 3.
Ekhuluma ngomcimbi wabo omunye wabahleli bawo, uThabani Nyide uveze ukuthi bafuna ukujabulisa abathandi bomculo opholile, ngokubaletha futhi bayazi ukuthi laba bangabanye babantu abathandwayo kuleli.
"Uma kukhulunywa ngezingqalabutho laba baculi bangabanye ababethandwa kakhulu eminyakeni edlule, uma kukhulunywa ngomculo opholile wezithandani.
Ngakho sibone ukuthi asivuselele uthando kubantu bakuleli ngokuthi silethe lezi zihlabani esinethemba lokuthi zizoshiya abazohambela imicimbi yomibili bebambe ongenzansi,“ kuchaza uThabani.
Uveze ukuthi emcimbini wakamuva, ngesikhathi kunomjaho wamahhashi, iHollywood Durban July etendeni labo, uChris ubengomunye wabanandisile, washiya abantu bebambe ongezansi njengoba manje bakhethe ukuthi bambuyise benze umcimbi omukhulu.
Kwividiyo uChris ayithumele abalandeli bakhe, uthe abantu mabaphuthume bathenge amathikithi ukuze bangaphuthelwa yizingoma zakhe, okukhona kuzo ethi Take Time, Someday nethi I Will Always Love you nezinye.
UThabani uthe amathikithi omcimbi aseyatholaka eTicketpro, kusuka kuR690 kuya kuR1590.
Izindaba zokuza kwalaba zenzeka nje kusanda kuvela ukuthi umculi wase-USA, uBebe Winans, nowaseNigeria uBurna Boy kulindeleke ukuthi batheleke eNingizimu Afrika ukuzonandisa emakhonsathini omculo emadolobheni ahlukene.
UBurna Boy osehlonishwe ngezindondo ezahlukene emicimbini yaphesheya kwezilwandle, kulindeleke ukuthi abe nomcimbi wosuku olulodwa enkundleni yezemidlalo iFNB, eJohannesburg, ngoSepthemba 23.
EThekwini, eMoses Mabhida, isihlabani saphesheya kwezilwandle uBebe Winans, sizoba nekhonsathi njengoba siqhubeka nohambo olwaziwa nge-It All Comes Down to Love Africa Tour.
UBebe uzojabulisa abalandeli bakhe kule nkundla ngoDisemba 9, kuthi ngoDisemba 16, abajabulise eSun Bet Arena, eTimes Squre, ePretoria.
Umphathi wenkampani ehlela lo mcimbi iTMG, uSedote Nwachukwu, uveze ukuthi uBurna Boy usejabulise abantu basemazweni aphesheya ngomculo wakhe, ngakho abalingabazi ithalente likaBurna Boy, futhi ungomunye wabaculi abalibeke ebalazweni izwekazi i-Africa.
Amathikithi alo mcimbi aseyatholakala ngoR765 eTicketpro.