KUKHUZWE amagidangoma ngomkhuba wokuyeka isikole ngoba ethembele amakhonweni awo. Leli vangeli lishunyayelwe kuchungechunge lo mqhudelwano wengoma obelubanjelwe ezindaweni ezahlukene ngaphansi kukaMasipala iBig 5 Hlabisa ngamaholidi kaKhisimusi.
Lolu chungechunge luqale ngoDisemba 27, kwaze lwavalwa ngoDisemba 31.
Lo mcimbi wengoma yezinsizwa nezintombi ubuwandulela owokuhlukanisa unyaka obubanjelwe KwaMayakazi.
IMeya yaseBig 5 Hlabisa, uMnuz Comfort Khumalo, ithe kubalulekile ukuthi amaciko agida ingoma akhumbule ukuthi uma eyeka isikole ngeke aye ndawo empilweni.
"Kubalulekile ukuthi imfundo niyibeke phambili ngoba uma kungenjalo impilo izobanzima. Engikuthandayo ngalo nyaka ukuthi kuzo zonke lezi zingoma ebesinazo kubuywe kwakhuzwa kakhulu ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane okuyinto esikhathaza kakhulu," kusho uKhumalo.
Izingoma ziqale eZibayeni, lapho obekunomqhudelwano wezinsizwa kuphela wesiteki sikaR25 000.
Lo mqhudelwano udlulele eMakhasa, ehholo lomphakathi lapho bekudidiyelwe izinsizwa nezintokazi zibanga isiteki sikaR100 000.
Umholi wamaqembu amabili ezinsizwa nezintombi adle umhlanganiso kathathu engomeni, uMnuz Sipho Buthelezi, uthe ukunqoba kweqembu lakhe kumthokozise kakhulu ngoba kuphakamisa igama lesigodi sonke.
"Ngibonga nendlela izinsizwa nezintombi ezizinikela ngayo kulo msebenzi wokugida ingoma. Ngibona ukuthi sithi uma siziqoqa izingane, ziqoqeke. Zikwazi nokusihlonipha," kusho uButhelezi.
Iqembu eliholwa uButhelezi wasesigodini iNgoqongo, libizwa ngokuthi Amafikalishona. NgoDisemba 27, izinsizwa zaleli qembu zidle umhlanganiso zakhala zemuka noR12 000.
Izintombi eziphume phambili ngoDisemba 29, zithole isamba uR12 000.
NgoDisemba 31, izinsizwa zihambe noR5 000 emuva kokuphuma isithathu.
Umcimbi wengoma uyigugu kubantu baKwaHlabisa, njengoba kusuke kudilike izinsizwa zaseGoli nezisebenza eThekwini.