UKUNGAFUNDWA kwezindaba ngolimi lwesiZulu kwithelevishini, ngeSonto eledlule kuholele ekutheni iSABC ixoshe umfundi wazo, uSakhiwo Sokhela kwase kumiswa umhleli wezindaba, uMpendulo Ndlovu.
USakhiwo ubengomunye wabafundi bezindaba abasanda kujoyina inhlangano yezokusakaza ngemuva kokudilizwa kwabasebenzi abadala kulesi siteshi.
Isolezwe lithole ukuthi uSakhiwo ukhale ngokuthi wadidwa uhlu lokusebenza njengoba yena ayecabanga ukuthi akangeni.
Kwaba nokudideka kwabaningi ukungakhonjiswa kwezindaba njengoba ngisho ezinkundleni zokuxhumana abantu babezibuza beziphendula ukuthi kwenzekani.
"Ibuhlungu into eyenzekile. USakhiwo uma echaza uthi yena ubecabanga ukuthi akasebenzi, yingakho engafikanga emsebenzini. Iphutha kube ngelakhe akukho muntu ongasoleka ekutheni wenze lesi sigameko esiholele ekutheni laba baxoshwe. Umhleli wezindaba yena ushaywe ngoswazi oluncane njengoba esolwe ngokuthi kwakumele enze yonke imizamo yokuthi izindaba zibe khona emoyeni futhi axhumane nabasebenzi bakhe," kusho umthombo.
Uveze ukuthi selokhu kwaqala uhlelo lwezindaba kwaSABC, bekuqala ukuthi zingabi khona emoyeni.
"Abaphathi bebedinwe beveva ilesi senzo. Izindaba ziyingxenye yezinhlelo ezenza kahle emoyeni ngakho akudingeki phutha uma kuza kuzo," kuchaza umthombo.
UMmoni Seapelo wakwaSABC, uthe uzoxhumana nomnyango obhekele la basebenzi ngaphakathi eSABC ukuqinisekisa lolu daba.
Uthe angaze aluqinisekise namhlanje (NgoMsombuluko) ngoba izolo (NgeSonto) bekuvaliwe.
Imizamo yokuthola uSakhiwo ngalolu daba ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belungangeni, lwamukela imiyalezo kuphela.
UMpendulo uthe akukho angakuphendula kodwa ucele kuthintwe okhulumela iSABC, uMmoni.