SEKUMISIWE ukusetshenziswa kwamaphoyisa angaphansi kweSouth African Police Services (SAPS) nemifaniswano yawo emidlalweni yethelevishini evutshelwe lapha eNingizimu Afrika.
Lokhu kuvezwe yimithombo engashayi eceleni eveze ukuthi sekuyophela inyanga yesithathu kwavela umyalelo ekomkhulu lamaphoyisa alapha eNingizimu Afrika wokuthi kumiswe.
“Umlayelo ovela ekomkhulu lamaphoyisa walayela ukuthi kumiswe ukusetshenziswa kwamaphoyisa ekulingiseni izindawo ezisuke zidinga wona nokuthi abalingisi babonakale bedlubhe imifaniswano yawo. Kuthiwa kungenxa yokuthi kuzobuyekezwa kabusha imithetho ezohambisana nokusetshenziswa kwamaphoyisa nemifaniswano yawo emidlalweni,” kusho umthombo.
Ngokomthombo, lo myalelo wathunyelwa ezinkampanini ezikhiqiza imidlalo namafilimu naseziteshini ezinkulu okubalwa kuzona iSABC.
Phambilini kwathiwa kwaphuma umlayelo wokuthi lapho kunesidingo sokuthi kube nabalingisi abazenza amaphoyisa, kuhle kube yiwona uqobo azibambela mathupha alingise.
Inhloso yokuthi azibambele maphutha amaphoyisa uma kunendawo edinga wona kwakuwukuthi aqondise kahle ngoba kwakunezinsolo zokuthi abalingisi babuye benze okuwathunaza isithunzi.
“Kwakunesikhalo sokuthi baveza isithombe esingesilo iqiniso ngomsebenzi wamaphoyisa kanti nomfaniswano ubuye ugqokwe ngendlela ewehlisa isithunzi,” kusho umthombo.
Kunesikhathi lapho umdlalo Uzalo besekulingisa khona amaphoyisa abethathwa esiteshini saKwaMashu. Ngokwemithombo ekulo mdlalo, sekumisiwe.
“Akekho ogqoka umfaniswano wamaphoyisa manje kuZalo kanti namaphoyisa awasafiki. Sizwa kuthiwa eminye imidlalo isikhethe ukuthi izisungulele imifaniswano yamaphoyisa azobonakala kuyona kunokusebenzisa eyeSAPS,” kusho umthombo.
Uqhube wathi kuZalo amaphoyisa asegqoka izingubo zawo futhi kusetshenziswa igama lokuthi angabaphenyi ngoba kujwayelekile kubona ukubabona bezigqokele izingubo zabo.
Okhulumela amaphoyisa akwaSAPS uNational Commissioner Brigadier Vish Naidoo uthe kuyiqiniso ukuthi kumisiwe.
“Akukhona ukuthi kukhona esingeneme ngakho kodwa sifuna ukubuyekeza kabusha igunya elinikwa imidlalo lokusebenzisa imifaniswano yamaphoyisa,” usho kanje.
Uthe lokhu kuzothatha izinyanga ezintathu bese kwaziwa ngekusasa lalokusebenzisana.
Okhulumela iSABC uMnuz Kaizer Kganyago uthe akanalwazi ngalokhu.
“Thina njengabantu abathenga imikhiqizo ezinkampanini asinalwazi ngalokhu, abantu abakahle ukuphawula yizona izinkampani zemidlalo namafilimu,” usho kanje.