KUSHAYELWE ihlombe ukuvela kwezindaba ezithi i-Economic Freedom Fighters (EFF) yadlala indima enkulu ekutakuleni umculi wakuleli uBulelwa “Zahara” Mkutukana ngesikhathi ebhekene nenkinga yokudliwa kwendlu yakhe ngonyaka odlule.
Ngokubika kwephephandaba iSunday World okuyilona eliveze ukuthi le nhlangano yakhokha imali enguR100 000 kwi-akhawunti yalo mculi yesikweletu sendlu.
Kuzokhumbuleka ukuthi uZahara waphumela obala ecela usizo ngoxhaso lwemali ukuze indlu yakhe ingadliwa ngemuva kokuthi ibhange lakwaNedbank limnqumele ugwayi katiki ngokukhokha isikweletu.
USinawo Thambo, okhulumela i-EFF, uvumile ukuthi le nhlangano iyona eyasiza lo mculi kukubi.
“Asithandi ukuzigqamisa ngosizo esilunika abantu bethu kodwa singakuqinisekisa ukuthi samsiza uZahara ngoba ungumuntu obethandwa,” kusho yena.
Abantu bakuleli banikele izinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ukujabula kwabo ngalezi zindaba.
UPhakamile Hlubi-Majola okhulumela iNumsa uthe, “kwaze kwawudaba olumnandi. Kuyiqiniso ukuthi abantu abamnyama banozwelo futhi bayathandana. Kumele yethulelwe isigqoko i-EFF ngesihe sayo inikelela indlu kaZahara.”
Styles Rampora: “I-EFF ayiphoxi uma kumele kutakulwe abantu.”
Good Day Maqabane kaJuju! ✊🏾🎤 pic.twitter.com/x2pAHQHtie
— Dali Mpofu (@AdvDali_Mpofu) December 17, 2023