KUVELA ukuthi zimapeketwane izinto emdlalweni wethelevishini Uzalo. Kubikwa ukuthi yize besanda kwethula abalingisi abasha emdlalweni kodwa kushiya abanye abagqamile kuwo.
UGugu Gumede obelingisa indawo kaMaMlambo, noBaby Cele obelingisa ekaGabisile nabo bayashiya.
Kubikwa ukuthi bezingekho izinhlelo zokuvuselela inkontileka kaGugu kowoZalo kodwa ube nenhlanhla yokuthola umsebenzi emdlalweni omusha ku-e.tv othi, Isiphetho Destiny.
Umthombo weSolezwe opotshoze izindaba uveze ukuthi uBaby waphelelwa umdlandla emdlalweni ngonyaka odlule ngenxa yokungajabuli ngezinto ezihlukene.
“Ngesikhathi kuvela izindaba zokuhamba kukaWiseman Mncube, naye waveza ukuthi ufuna ukuhamba futhi wabatshela abomdlalo ukuthi isikhathi sakhe kulo mdlalo siya emaphethelweni. Wabeka ezinye izinto ayengajabule ngazo. Ekugcineni usekhethe ukuhamba ngokuphelele kuwo. Kumanje kungenzeka bazoveza iziqephu zokugcina ezinalaba kule nyanga,” kuchaza yena.
Umthombo uveze ukuthi izinto zimapeketwane emdlalweni owuchungechunge ngoba kunabalingisi abangajabule ngezinto eziningi. Kusolakala ukuthi yikho okwenza kube lula ukuthi bashiye.
Omunye umthombo uveze ukuthi izinto kazisafani nasekuqaleni emdllalweni kunezinkinga ezithinta amaholo futhi yizona ezenza abalingisi abashiye phansi.
“Ngonyaka odlule nje zike zaba khona izinkinga ezithinta imiholo, abanye abalingisi baze bahlala abangeza ukuzoshutha ngenxa yokuthi imali yabo yayingangenile. Akusajabulisi njengakuqala ukuba kulo mdlalo yize uhamba phambili ngababukeli kuleli,” kuchaza umthombo.
UYvonne Siphuka osethimbeni elibhekelele ezokukhangisa kuZalo uveze ukuthi okwamanje bazolindela isimemezelo esiphuma kwabakwaSABC, esiqinisekisa noma esichitha ukuhamba kwalaba bobabili.
“Siyabonga ukubekezela kwakho kodwa imibuzo ethinta ukushiya kwala bobabili, okwamanje akukho esingakusho okuthinta imibuzo yokushiya nokuqhubeka behlale kulo mdlalo. Sizoyishiyela ukuthi iphendulwe yiSABC, siyaqinisekisa ukuthi uma sizithola izimpendulo sizokunikeza zona,” kuchaza uYvonne.
Umdlalo usanda kwethula abalingisi abasha abazoqala ukubonakala kule sizini entsha ka-10, eqale ngoLwesihlanu.