UMLINGISI osengumdidiyeli wemidlalo yethelevishini, uNhlanhla Mdlalose, uthi ngeke usabuya umdlalo wakhe UZulu noMhlaba oke wakhonjiswa kuMzansi Magic.
Lo mdlalo oqoshelwe oLundi, uqale ngasekupheleni konyaka odlule kwaze kwaba yingasekuqaleni konyaka. Wawukhonjiswa njalo ngo-8 ebusuku ngeSonto.
Wawukhuluma ngombango wabaculi ababili bakamaskandi, uZulu noMhlaba. Kwakulingisa uNtokozo Vilakazi (Mhlaba), Aphiwe Bhengu (Zulu), Ayanda Borotho, Ernest Ndlovu, Bheki Ngcobo, Nothando Ngcobo, Phumzile Mlangeni, yena uNhlanhla nabanye.
UNhlanhla owayelingisa indawo kaBongani kwiSibaya, uthe kube nokungavumelani noMzansi Magic mayelana nokwenziwa kwesizini yesibili.
“Ikhanda limatasa njengamanje kuningi engikwenzayo. Ukushaya ngamafuphi, isizini yesibili ayikho. Kube nokungavumelani ngezinto ezithile nesiteshi,” kusho uNhlanhla.
Uthe umdlalo wahamba kahle futhi abantu bawuthakasela.
“Nasezinkundleni zokuxhumana bayabuza ukuthi isizini yesibili ibuya nini,” kuchaza yena.
UNhlanhla uqophe lo mdlalo ngaphansi kwenkampani yakhe iSonrise Entertainment ayisungule noKing Shaft Moropane.
Uthe njengoba esengumdidiyeli wemidlalo nje, usazoke athi ukunyamalala kwithelevishini.
“Sengisebenza esithe manje. Ngathatha isinqumo sokuma kancane okwamanje. Angazi ukuthi ngonyaka ozayo kuzokwenzakalani kodwa ngisamile kancane ekuveleni kodwa ngibe ngemuva,” kusho lo mlingisi odabuka eMnambithi.