UKUGASELA kweqembu lengoma nezikhali zendabuko kusanandisa elinye, kuphazamise umcimbi wokwethulwa ngokusemthethweni komqhudelwano, iNgoma YaMangwe, eMtshezi ngeSonto.
Lezi zinsizwa ebezibhince amabheshu esikhumba zasesigodini saKwaTatane, zitheleke zidinwe ziqhuma. Kuhluleke ngisho umphathi wohlelo ezinxusa ukuba zilinde kodwa zaqhubeka nokungena enkundleni ngodli. Iqembu ebelinandisa, elakhiwe ngamaqembu ehlukene angaphansi kwezigodi zaseMangweni, liphazamisekile.
Amaphoyisa namasosha bathwale kanzima bezama ukunqanda isimo ebesesiphuma esandleni.
Ngokuhamba kwesikhathi lezi zinsizwa zaKwaTatane zigcine ziphumile esteji. Zibe sezidlula ngasetendeni ebelihleli izicukuthwane, ezinye zazo zalishaya ngezinduku. Ziphumele ngaphandle zayoqala owazo umcimbi.
Isolezwe lithole ukuthi iqembu laseTatane licikwe wukuthi yilo obekufanele libhule amazolo ngoba ngelasesigodini obekwenziwe kuso umcimbi, nokuthi lishaywe ngesithende ngesikhathi kubunjwa inhlanganisela yezigodi zakule ndawo.
IMeya kaMasipala iNkosi Langalibalele, uMnuz Mduduzi "Sobholenyoni" Myeza, ibe seyiba nenguyazana nabaholi bamaqembu abengaboni ngaso linye, ukuze kugcine sekunokuthula.
Iigcine ihlale phansi yabamba umthetho emaqenjini abeseyinkukhu nempaka.
Ikhansela laku-ward 5, uMnuz Cyril Vusimuzi Mkhize, lithe liphoxekile ngesigameko ngoba lizamile ukuwubhula umlomo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. UMkhize uthe usebenzisane namaqembu engoma njengoba ubewaxhasa eminyakeni eyedlule ngemali yakhe.
UMyeza uvumile ukuthi kube nokungaboni ngaso linye phakathi kwezigodi.
"Ngizinxusile ukuba zihlale phansi, ziqhamuke nesisombululo, bese ziza emkhandlwini sezizosho ukuthi zifuna sizisize kanjani."
UMyeza uthe inhloso ngalo mcimbi bekuwukuzolwethula umqhudelwano ozoba kule ndawo minyaka yonke, futhi okuzowinwa kuwo inkomo noR10 000.
Phezu kwalobo buhixihixi, umphakathi wesizwe samaNgwe nesamaHlubi uqungele imvula ebiyidliva kule ndawo, ukuze uthamele umcimbi obuhanjelwe yiMeya yaseNkosi Langalibalele, iPhini layo, uMnuz Sthabiso Dladla, uSomlomo wasoThukela, uNkk Thembelihle Yvonne Nqubuka, inkosi yendawo nabanye abaholi. Emcimbini kunandise Abafana BaseMawosi, Izigi Zendoda, Omondise nabanye. Izithameli zibuye zazitika ngenyama yezinkomo ezimbili ezikhishwe wuMyeza.