SIZOZIQHENYA futhi nakulo nyaka isifundazwe saKwaZulu-Natal ngethalente elikhona ohlelweni lomculo ama-Idols SA, njengoba bekuqhubeka isigaba esaziwa ngeTheatre Week kuleli sonto, eGoli.
Isolezwe beliyingxenye yabezindaba akade bebizwe eGoli, eRandburg njengoba sekuyela emaphethelweni okuqoshwa kwesigaba sokuqala salolu hlelo.
Nakulo nyaka kuningi okuzomangaza abantu kulolu hlelo nokuzokwenza ludonse amehlo abathandi balo.
Kwabangu-32 abaculile ngoLwesithathu yize kukhona abashaya kodwa futhi babe baningi okucacile ukuthi ngeke bangene kuTop 16, ehlungwe izolo.
Kwabangu-31 abacule kuqala akekho osukunyelwe izihlwele zimangazwa ithalente lakhe.
Kodwa intokazi ecule ekugcineni yaKwaZulu-Natal ishiye akade bekhona bemangele nokwenze abaningi bangalingabaza ikhono layo eliholele ukuthi ibe yingxenye yohlelo.
Kulolu hlelo nakulo nyaka isibalo samantombazane siningi kunesabesilisa.
Nakulo nyaka amajaji alolu hlelo awashintshile njengoba kunguRandall Abrahams, * -Unathi noSomizi Mhlongo.
Lolu hlelo kulindeleke ukuthi luqale kuMzansi Magic (161), esontweni lesibili kuJulayi nala kuzoqale kuvele kwenziwa inhlolokhono.