BATHEMBISA ukuzimisela kukhona konke abazoqeqeshwa ngakho abaqokwe njengabazomela iKwaZulu-Natal, emcintiswaneni kazime Miss Ndoni ngempelasonto, emcimbini obuseNdoni Village, eRichmond.
UNontobeko Mkhize, noZasembo Mkhize baseMgungundlovu, bebeyingxenye yabantu abasha abasuka kulesi sifundazwe abebehlezi isonto lonke eRichmond, bebeqeqeshwa khona ngezinto ezihlukene ezithinta amasiko aKwaZulu.
Njengoba bekungamaholidi asebusika, abahleli beNdoni bebehlanganise intsha kuzona zonke izifundazwe ukuze iqeqeshwe bese kukhethwa abazomela izifundazwe emcimbini omkhulu wokuvala unyaka.
Ekhuluma ngokukhethwa kwakhe uZasembo, uthe kuyamthokozisa ukuqokwa kwakhe ngoba ubevele efuna ukwazi ngamasiko.
“Bengingakwazi okuningi ngezinto ezazenziwa kudala, ngakho ngikhethe ukucela ekhaya ukuthi ngizohlanganyela nenye intsha futhi lokho kungisize kakhulu ngoba lukhona ulwazi engilutholile futhi ngabuye ngaqokwa njengozomela isifundazwe kimi okube yinjabulo,” kusho uZasembo.
UNtokozo uthe kuyamjabulisa ukuzomela izinsizwa zonke zaKwaZulu-Natal.
“Bengifuna ukuzofunda ukuthi kumele siziphathe kanjani njengabantu besilisa. Bengifuna ukwazi ukuthi kubaluleke ngani ukwazi amasiko futhi njengabantu besilisa kumele siziphathe kanjani emphakathini nasemakhaya nje uma singabesilisa abadala,” kuchaza uNtokozo.
Echaza ngokuvalwa komcimbi uDkt Nomcebo Mthembu, uthe bazoqhubeka nokufundisa abantu abasha ukuze bazazi ukuthi bangobani futhi bazigqaje ngokuba yibona.
“Kuzona zonke izingqinamba ababhekana nazo emphakathini ikakhulu ezimbi, thina sizoba yimpendulo yazo. Isintu kumele sibe yimpendulo entsheni, bangasikhohlwa. Namhlanje njengoba beqeda ukuqeqeshwa abakuthole isonto lonke sithi bakusebenzise abakufundile, siyabonga nakothisha akade bebafundisa izinto ezihlukene kuzona zonke izifundazwe, isiyohlangana ngosuku olukhulu la siyobe sesikhetha khona uzime wethu walo nyaka,” kuchaza uDkt Mthembu.
Uthe abakufundile umlando wezizwe abasuka kuzo, imisebenzi yasemakhaya eyayenziwa kudala engasenziwa kakhulu manje.
Uveze ukuthi abesilisa babaqeqeshe kakhulu ngesihlava esihlasele muva nje sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.