UMNDENI kaMampintsha ubonge abantu ngokuwuseka ngokuvalelisa lo mculi ngokuthi ingoma yeqembu lakhe iBig NUz ihlukanise unyaka kuKhozi FM.
I-Big NUz ihlukanise ngengoma yayo iNgekeepike kuyo uDJ Yamza. Bese kunesikhathi yagcina ukukhipha ndawonye.
“Sijabule, sibonga uNkulunkulu nabantu baseNingizimu Afrika ngokuhlonipha uMampintsha. Akwenziwanga wumndeni, wenziwe ngabantu abebemthanda, siyabonga njengomndeni,” kusho okhulumela umndeni uZandile Maphumulo.
UMampintsha ushone ngoDisemba 24, ngemuva kokuhlaselwa yisifo sohlangothi. Ungcwatshwe ngoLwesihlanu, emathuneni aseLalakahle, eHillcrest.
Uzakwabo kaMampintsha abecula naye eqenjini, uDanger, uthe ujabule yize ephatheke kabi ngokushiywa wuMampintsha.
“Kuhlale kuyinjabulo, ngeke ungajabuli nawe uma uhlukanise unyaka. Sithokozile yize sishiywe ubafo kodwa akukho esizokwenza, impilo kumele iqhubeke.
“Siyabonga kubantu abavotile, bangapheli moya baqhubeke benze njalo bayeseke iNUZ ngoba asiyilutho ngaphandle kwabo. Abangaphumelelanga sithi kufana nokudlala ibhola, wonke umuntu usuke efuna kuwine iqembu lakhe. Nalana kuba njalo kumele kuwine oyedwa. Abaduduzeke baphinde bazame bengapheli moya,” kusho uDanger.
Uzandile uthe uBabes Wodumo, umkaMampintsha, nguye osehlalelwe wumsebenzi wokuwenza isiqiniseko sokuthi igama lakhe kalishabalali.
UBabes ubonakale okokuqala ngemuva komngcwabo enandisa emcimbini iLast Dance Music Festival, e-Oval Cricket Stadium, eMgungundlovu ngoMgqibelo ebusuku.
“UBabes noMampintsha bebengahlukani ngoba abantu uma beshadile bamunye. Njengoba washo noMbhishobhi uThabani Maphumulo emngcwabeni ukuthi umndeni awulindele ukuthi ahlale phansi kodwa akaqhubeke aye phambili. Siyakuthokozela akwenzayo. UBabes unengane okumele ayibheke. Uzoligcina igama likaMampintsha liphila ngoba ubesebenzisana naye. Bakhona noDJ Tira, Danger, Tzozo noBoonu nabo bonke abebeseduze.”