ABEZIZWE zamakhosi ebezivela emdlalweni iShaka iLembe, bazoba nomhlangano ngoLwesibili eThekwini ngenhloso yokuzomisa isizini yesibili yalo mdlalo.
Lokhu kuvezwe wuGodongwana Mthethwa, wasendlini yeNkosi uDingiswayo. Uthe umhlangano wangoLwesibili, uzobe usemahhovisi abameli abasazowadalula. Kuwona uthe beza ngokwezindlu zamakhosi nosomlando ngoba udaba lokumiswa komdlalo bafuna ukulusebenza ngokomthetho.
“Sikhala ngokudukiswa komlando wethu. Esikufunayo ukuthi ngaphambi kokuthi kube nesizini yesibili, abanikazi bomdlalo baqale baxoxe nathi baphinde bathole imvume. Kuyinhlamba nechilo abakwenzile ukuthi basebenzise amagama obaba ngendlela okungesiyona,” kusho uGodongwana.
Uthe okubuhlungu kakhulu ukuthi ayikho neyodwa into eyavezwa kulo mdlalo eyiqiniso ngomlando wakwaZulu.
Uveze ukuthi okumphatha kabi kakhulu ukuthi yena akazange athintwe nhlobo kanti kuzosetshenziswa umlando weNkosi uDingiswayo Mthethwa. Uthe akutholile ukuthi ngaphambi kokuba kuqale umdlalo, kwakhiwa nesigodlo sakwaMthethwa okwashiswa kusona impepho kubusiswa umdlalo. Lokho uthe kuyichilo ngoba impepho ekhuluma nabakwaMthethwa ithintwa yibona, abazi ukuthi ubani owayesenikwe amandla okwenza kanjalo bengekho bona.
Ngokungaveli komlando oqondile ngalo mdlalo, abeM-Net, bathi alikho iphutha kulokho ngoba bona babenza umdlalo hhayi iqophamlando okumele kubekwe yonke into njengoba injalo.
UGodongwana, uthe: “Kungukudelela lokhu abakushoyo. Awukwazi ukuthi ungabiza ubaba ngemfene noma igundane ungangazisanga mina njengomndeni ngakuvumela ukwenza kanjalo. Okwesibili kumele kube nento oyikhiphayo onginika yona ukuthi ngiyoshweleza kubaba ukuthi ubizwe ngegundane noma uyikhiphe ungakakwenzi lokho ukuze ngiyokucelela kuyena ukuthi angathuki uma ebizwa ngalo noma imfene,” usho kanje.
UGodongwana uthe wakhuluma nabeBomb Productions, epheka lo mdlalo kodwa bamtshela ukuthi bakhona osomlando abakhuluma nabo.
Osomlando, uthe yize amagama abo evela kulo mdlalo, bamtshele ukuthi akukhona ababatshela khona abalo mdlalo okuvela kuwona. Uthe yingakho kumele bathathe izinyathelo bakhulume ngazwi linye.
UMhlathuze Mhlongo womndeni kaNandi, ongomunye okwaxoxwa naye echaza umlando, uthe kungukumedelela okwenzeka kulo mdlalo ngoba okuvela kuwo akukhona okwashiwo uyena.
Imindeni ethinteka kulo mdlalo, owakwaMhlongo, indlunkulu kaZulu, abakwaMthethwa, abakwaNxumalo, abakwaMnguni nabanye.
Umdlalo kulindeleke ubuye ngonyaka ozayo nesizini yesibili, okuthiwa uzobe usugadla ngobuso obusha.