ABAGQUGQUZELI bamaSouth African Music Award (Sama) bamatasa nezinhlelo zokuthi le miklomelo ibuyele ekusingathweni engxenyeni yokuqala yonyaka.
AmaSama abegubha iminyaka engu-30 emcimbini obuseGallagher Estate eMidrand ngoNovemba 2.
Ukungenela kwakuvulwe ngoMashi 1, kwavalwa ngo-Ephreli 15.
Ukungenela imiklomelo yangonyaka ozayo sekuvuliwe futhi kuzovalwa ngoJanuwari 31.
Isolezwe selingakuqinisekisa ukuthi lokhu kwenziwe ngenhloso yokuthi umcimbi usheshe ube sengxenyeni yokuqala yonyaka ozayo.
Eminyakeni edlule ukungenela kwakuvulwa ngasekupheleni konyaka bese umcimbi uba ngoMeyi.
Kusukela kwahlasela i-Covid-19 ama-Sama asesingathwa engxenyeni yesibili yonyaka.
Isikhulu seRecording Industry of South Africa (RiSA), uNhlanhla Sibisi, sikuqinisekisile ukuthi bahlela ukusheshe bawusingathe lo mcimbi.
"Uma sihlela ukwenza lokho, nokungenela kumele sisheshe sikuvule. Phambilini sasivula ukungenela ngoNovemba kuze kube yisekupheleni kukaJanuwari. Kulokhu ama-Sama abe ngoNovemba kodwa akuphelanga sikhathi esingakanani sabe sesivula ukwamukela imingenelo yangonyaka ozayo," kusho uSibisi.
Uqhube ngokuthi ngaphambi kokuvula, balungise imithetho banikeza nezinkampani zomculo ukuzwa ukuthi zeneme yini.
"Uma kunezinguquko ziyiswa ebhodini ukuthi ziphasiswe. Manje sesivulile ngoba uhlelo wukuthi imiklomelo ibuye ngohhafu wokuqala wonyaka. UNovemba usukude kakhulu," kusho uSibisi.
Ukungenela kuvunyelwe kwabakhiphe umculo osudayisa kuleli phakathi kuka-Ephreli 16 noJanuwari 31 ngo-2025.