UKHUZA ibuya umculi kamaskandi okuphele uhlelo loMzansi Magic elaxazwa yiwona wonke amakhosikazi akhe ohlelweni Mnakwethu Happily Ever After.
UQondisani uthi abantu abehlise umoya ngoba ubabuyisa bonke ngesizini entsha. Kusongwe uhlelo umculi esaliwe amakhosikazi akhe amane kepha uthi bazoqala ngoJuni 10, nonyaka ukushutha isizini yesine yohlelo.
Uveze ukuthi wonke amakhosikazi akhe okuphele uhlelo emalile ayabuya futhi kuzovela umakoti omusha ozoba ngowesine, osemganile manje.
“Okwamanje ngisaqhelelene namakhosikazi ami kodwa sizama ukulungisa izinto. Unkosikazi omdala wavele waqoqa imithwalo yakhe wahamba. Besingakaze sibuyisane kodwa abakubo kwaMchunu, bahlala bengimema njengomkhwenyana uma kunezinto ezenziwa khona kodwa abayikhulumi eyokubuya kwendodakazi yabo.
“Kunezingxoxo okumele sibe nazo nabo ngesenzo sabo engisibona singesihle ukuthi bagcine unkosikazi wami esengamthela ngenyongo kithi. Owesibili uSamantha Mazibuko, ngiyambuyisa yize esazala kwenye indawo. Naye uhambe esethelwe ngenyongo yakithi. Okwakhe kuzohluka ngoba angizimisele ukumbuyisa nengane yenye indoda,” kucacisa uQondanisa, ngesithembu sakhe.
Uqhube wathi uyambuyisa uJuba Mazibuko, umzala kaSamantha ovele esekhulelwe ingane yakhe. Okungacacanga ngengoduso yakhe yesine ayibiza ngokaMagwaza, athe umndeni wayo washaya phansi ngonyawo wathi awufuni ivele kwithelevishini. Yona uthe kubukeka kuzoba wumqansa ukuthi ayibuyise kodwa akanankinga ngalokho ngoba kukhona enye aseyithathile ezoqala ukuvela ohlelweni.
Uthe abaningi bazi ukuthi akasenankosikazi, wathi abehlise umoya ngoba uyazethemba ukuthi uzokwazi ukuwabuyisa wonke amakhosikazi akhe ngoba uyabona ukuthi nawo asamthanda.
Ohlelweni uthe abantu abadala ababuyayo kulona, nguyena noDulasi. UDulasi omunye onesithembu esixakayo ngoba wake washawa ngenye yezingoduso zakhe ngempama khona ohlelweni.
Phambilini baningi ababekulolu hlelo okubalwa uNgiga, Mdumazi noGezani kodwa abagcina bengabuyanga ngenxa yokuthi isithembu sabo asivumanga ukuhlangana, bashiwa ngamanye amakhosikazi abo.
UQondanisa uthe nasemculweni usekhona futhi kunomculo azowukhipha ngoSepthemba. Uthe uyakuveza lokhu ngoba abantu bazitshela ukuthi usegxile ezindabeni zesithembu akasawunakile umculo.