UMHLELI weDurban Jazz Festival, eba seHazelmere Dam ngoDisemba 26, uMdu Ngcobo, unxusa abantu abazohambela umcimbi ukuthi basheshe bafike ngoba abaculi abathandwayo bazocula emini.
Labo woSamthing Soweto, Ami Faku noSjava.
“Ngokujwayelekile abaculi abadumile bacula ebusuku kodwa kulo nyaka izinto zizoshintsha kakhulu ngoba * -Ami Faku ezocula ngabo-12 kuthi ngabo-2 kungene uSamthing Soweto ngo-5 ntambama uSjava uyobe engena esteji. Bayathandwa kakhulu ngakho abantu bangalindeli ukubabona ebusuku,” kusho uMdu.
Uthe okubenze benza izinguquko wukuthi umcimbi uzokwenzeka phakathi nesonto kukhona abantu abazovuka baye emsebenzini.
“Eminyakeni emibili edlule umcimbi ubujwayele ukuba ngempelasonto kodwa manje uphakathi nesonto abantu bezovuka baye emsebenzini. Kuyoze kube phakathi kwamabili besina bededelana abaculi kodwa laba abayobe sebefuna ukuhamba siyazi bayohamba bejabule njengoba bekhona abaculi abayobe sebengenile.”
Uphinde wakuveza ukuthi amasango azovulwa ngo-9, ekuseni ibhendi yokuqala izongena ngo-10.
“Amathikithi asekhona abantu abaphuthume ngoba ahamba ngokushesha. Okunye okumele bakwazi wukuthi awokupaka ayobe esetholakala emagaraji akuNandi Drive kusuka ngoDisemba 24. Nginxusa abantu ukuthi bangalindi umzuzu wokugcina ngoba sekukhona konke okuthinta umcimbi,” kuchaza uMdu.
UThabani Nyide wePlatinum Lounge yaseGoli, uthe bazosusa abantu baseGoli beze eThekwini.
“Sisuse abantu baseGoli ukuthi bahambele umcimbi omkhulukazi. Sizoba netende ngoba sifuna injabulo yaseThekwini nabantu baseGoli bazizwele yona bangezwa ngendaba. Ngalokhu sinyusa ezokuvakasha kulesi sifundazwe. Kuzoqashwa nezindawo zokulala.”
Abanye abaculi abazonandisa kkukhona kubo uThandiswa Mazwai, Selaelo Selota, Mafikizolo, Kelly Khumalo, Naima Kay nabanye.