ZIKUVUTHONDABA izinhlelo zemicimbi yobumnandi bangempelasonto emalokishini ahlukene eThekwini, njengoba kuzoba kuneHollywoodbets Durban July (HDJ).
IDurban July izoba seGreyville Racecourse lapho kuzobe kugijima khona amahhashi kube namatende okuzobe kunobumnandi kuwo.
Ubumnandi buzobe busabalele nasemaloshini njengoba izindawo ezahlukene zihlele imicimbi okulideleke ukuthi ihanjelwe abazobe bengekho emcimbini wamahhashi. Ngosuku lwangeSonto kuhlelwe inqwaba yemicimbi okuhloswe ngayo ukunika izivakashi, ikakhulukazi eziqhamuka ngaphandle kweTheku, umuzwa wobumnandi bezindawo eziselokishini.
Izikhangiso zemicimbi yaseMax's Lifestyle, seziphumile futhi ubumnandi buzoqala ngoLwesine kuze kube wuMsombuluko.
Kuzoqala ngomcimbi wamahlaya ngoLwesine kuze kuyovalwa ngeMogodu Monday ngoMsombuluko.
Kwamakhelwane, Eyadini Lounge, nakhona kuzobe kunemicimbi eqala ngoLwesihlanu ize isongwe ngoMsombuluko.
Kuboshelwe osaziwayo oLerato Kganyago, Naked DJ, Wilson B Nkosi, Msizi Shembe, Ismail Abrahams, DJ Muntu, Amon Mokoena nabanye.
EMojos Carwash & Shisanyama, eMayville, kuzoqalwa ngoLwesihlanu kuze kube yiSonto emcimbini iDurban July Weekend Experience.
NgoLwesihlanu nangoMgqibelo kuzoshiyelana inkundla oDlala Thukzin, Cndo, Stoks, Revoningo, N.A.G., Italian Job nabanye.
Umcimbi omkhulu uzoba ngeSonto lapho kuboshelwe khona u-Oskido, Morda, Sjava, Lastborn nabanye.
UDJ Kotin utshele leli phephandaba ukuthi kwaMkhize Rooftop, KwaD KwaMashu, kuzoba ne-Ekasi July Mayhem ngeSonto.
"Sinika abantu umuzwa waselokishini uma sebeqede konke emahhashini ngoMgqibelo. Sizobe sineMarumba Pitch, Sithelo, Kotin, T'zozo, Sjerere, Masiya nabanye. Sishintshe unyawo kulokhu umcimbi sawenza ngeSonto ngoba ubujwayele ukuba ngoLwesihlanu," kusho uKotin.
EMashamplanez Lounge, eChesterville, nakhona imicimbi izoqala ngoLwesihlanu kuze kube yiSonto.
Umnikazi wendawo, uBonga Shange, uthe ngeSonto bazoba nompheki ozobe eshaya izibiliboco ezahlukene phakathi kuka-11 no-3 ntambama.
Uthe kuzobe kunabaculi abahlukene noDJ futhi kuzongenwa mahhala.
Imeya yaseThekwini, uMxolisi Kaunda, uqinisekise ukuphepha kwezihambeli ezilinganiselwa ku-48 000 ezizothamela iDurban July.
Uthe amaphoyisa kamasipala alinganiselwa ku-100 azobe etshalwe ngaseGreyville.
Uqhube wathi kuzobe kuvalwe le migwaqo elandelayo;
· Mitchell Crescent /Sixth Avenue
· Clarence Road / Sixth Avenue
· Mitchell Crescent / Fifth Avenue
· Clarence Road / Fifth Avenue,
· DLI Avenue/ Avondale Road.
Uthe kulindeleke ukuthi le mpelasonto ingenise uR130 million emnothweni wedolobha futhi kudaleke amathuba omsebenzi engu-1 500.