ISITESHI sethelevishini i-e.tv sesimemezele ukuthi sisezinhlelweni zokususa izithombe ezisezikhangisweni ezinobuso bomlingisi weMbewu: The Seed uMpumelelo Bhulose ongeke esabonakala kulo mdlalo.
Lokhu kuvezwe nguMichael Pockock ukuthi balinde ukuthi kushaye u-Agasti 16 nokuhlelwe ukuthi kube ngusuku lokugcina lokubonakala kwalo mlingisi kulo
mdlalo.
“Njengamanje silinde kushaye lolu suku. Ithimba lezokukhangisa limatasa nemifanekiso emisha," kuchaza uPockock.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaBhulose ayiphumelelanga ngenxa yocingo lwakhe obeluvaliwe engayiphenduli nemilayezo ebithunyelwe.
Kuthintwa abameli bakhe bakwaB Xulu & Partners Incorporated, uPalesa Mohale ucele ukuthunyelwa imibuzo ngencwadi yekheli lonyazi.
Uphendule wathi: “Siyaluthola incwadi yekheli lonyazi futhi siyabona ukuthi nizimisele ukubhala udaba ngaphandle kwemvume nokuphawula kwesimmele.
"Siyaninxusa ukuba niyeke ukusebenzisa izithombe nokubhala ngesimmele. Uma niphikelela sizonithathela izinyathelo ezinqala. Sicela nihloniphe ilungelo lesimmele."
Lezi zinguquko ziqhamuka ngemuva kokuhlukana kwenhloko nesixhanti phakathi kukaBhulose obedlala indawo kaZimele Bhengu nabaphathi balo mdlalo.