BAZOSALA bengenamisebenzi abalingisi bemidlalo ehlukene ekhonjiswa manje eziteshini zakwaDStv njengoba nomdlalo othi Lingashoni kuvela ukuthi kuyaphela ngawo.
Isolezwe ngesonto eledlule libike ngokuphela komdlalo i-The Queen.
Lo mdlalo kuvela ukuthi uphela ngenxa yokungenzi kahle.
Esitatimendeni esikhishwe abakaMultichoice kuvela ukuthi i-The Queen akuyona kuphela ephelayo kodwa nomdlalo iLingashoni.
Ngonyaka odlule abakwaMultichoice bamemezela ukushintshwa kwesikhathi ozongena ngaso.
Imithombo engaphakathi yaveza ukuthi abantu abawubuki ngendlela kungakho unikwe lesi sikhathi okusona manje.
“Ngemuva kwamasizini ayisithupha yenze kahle kakhulu, i-The Queen izokhombisa isizini yesikhombisa nokungeyokugcina isiqephu sokugcina esiyobonakala ngoJanuwari 13, 2023. Umdlalo othi Lingashoni ku1Magic wona uzophela ngoMashi 2023. Njengesiteshi sithanda ukushayela ihlombe bonke ophrojusa, abalingisi nabo bonke abasebenzi bemidlalo, nabasethulele imidlalo ehambisana nezinto ezihlale zibonakala emiphakathini esihlala kuyona,” kusho uShirley Adonisi ongumqondisi wezinhlelo zakuleli kwaM-Net.
Uthe sebebheke phambili ezinyangeni ezizayo njengoba umdlalo uzobe usuqopha iziqephu zokugcina nezizoshisa ikhotha.
“Simatasa sisezinhlelweni zokuthi sithole imidlalo emisha ezovala isikhala esesivulekile. Ekuhambeni kwesikhathi sizoyimemezela imidlalo ezovala lezi zikhala. Esingakusho nje ukuthi sizibophezele ekuqhubekeni nokusebenzisana nenkampani iFerguson Films neStained Glass TV, kweminye imidlalo abazosinikeza yona,” kuchaza yena.
Okhulumela i-The Queen uveze ukuthi umdlalo wabo ubungenye yebalulekile kuze kube manje njengoba ushintshe izimpilo zabantu nokuyinto abayohlala beziqhenya ngayo.
Bathe babheke phambili ekuqhubekeni nokukhiqiza imidlalo emisha nezojatshulelwa ababukeli.
UPepsi Pokane, weStained Glass TV, uveze ukuthi bakujabulele ukwenza umdlalo iLingashoni futhi bayabonga kubantu abasebenze nabo kulo mdlalo.
“Siyabonga kwiM-Net ngokusinika ithuba elifana naleli nokuqopha lo mdlalo futhi sibheke phambili ekutheni siqhubeke sisebenzisane nabo,” kusho uPepsi.