OLINGISA emdlalweni Uzalo, uNothando Ngcobo, uthi ukusakaza kungaba yithuba angeke aliyeke uma elithola.
Ngesonto eledlule ube ngumsakazi oyisimenywa kwiGagasi FM, ohlelweni lwasemini obelwethulwa nguSiphokuhle Luthuli, noMkay Music.
Ufake izithombe ezikhombisa ngesikhathi ethula uhlelo ekhasini lakhe le-Instagram, lapho abantu bevele bathutheleka khona bemhalalisela bezitshela ukuthi uqashiwe.
“Bengingumsakazi oyisimenywa, hhayi ukuthi ngiqashiwe,” kucacisa uNothando.
“Kungaba yithuba elihle uma livela. Ngibe nesikhathi esimnandi engisijabulele,” kusho uNothando.
Le ntokazi, edabuka eHammarsdale, ilingisa indawo kaHlelo kuZalo olukhonjiswa ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto kwi-SABC1.
Igcine ukubonakala ngoDisemba isejele ngoba uHlelo uboshelwe ukunukubeza abafana abancane.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana bakhombisa ukuyithakasela indawo yakhe ngoba ivula izingxoxo. Uveze ukuthi njengoba engabonakali akusho ukuthi akaseyona ingxenye yomdlalo.
“Ngizobuya maduze, angixoshiwe kuZalo. Ngilinde ukuthi babhale ezinye izindaba ngoHlelo bese ngiyabuya. Ngiyazibonga izincomo zabantu abathakasela umsebenzi wami. Noma ngihlangana nabo bayangibuza ukuthi ngibuya nini? Abantu abadala abanye bavele bacasuke kodwa babonge ukuthi indawo iyafundisa,” kusho uNothando.
Muva nje, ubelingisa efilimini i-Lady In Yellow ekhonjiswa embukisweni yamafilimu. Udlala indawo kaNoxolo.