ISILOMO sekwaito, uVictor "Doc Shebeleza" Bogopane (57), sihambe emhlabeni sesihlele konke ngomngcwabo waso.
Lokhu kuvezwe obephethe uhlelo lwenkonzo yakhe yesikhumbuzo ngoLwesithathu, uKenneth Nkosi eSABC Radio Park, e-Auckland Park, eGoli.
UKenneth ongumlingisi wodumo, uthe ukuphatha uhlelo kulesi sikhumbuzo kwagunyazwa nguDoc esadla anhlamvana. Ngisho nabaculi abebeduduza izithameli kuthiwa nguye owababala. Kuqale kwanandisa iqembu lokholo elavumbulula ikhono likaDoc Shebeleza, iPure Gold. Kube sekulandela izingane nabazukulu balo mculi, abafike badlulisa amazwi kuye ngaphambi kokudansela ingoma kaDoc Shebeleza ethi, Ghets Ghetsa.
Umculi ongumlingisi u-Abigail Kubeka, ehambisana noBlondie Makhene, uthe kumphathe kabuhlungu ukushona kukaDoc Shebeleza ngoba wenze izinto ezinkulu, ngaphezu kwawo wonke umuntu wakuleli njengokwakha imizi. Uthe usenalo ithemba lokuthi kukhona okuhle okusazokwenzeka.
“Sathola inkululeko kodwa salahlekelwa yizwe. Sekufanele siqale kwa-a ukubuyisa leli lizwe,” kukhalaza u-Abigail.
UNobhala we-ANC eGauteng, uThembinkosi Nciza, ugxeke abacekela phansi inhlangano kaDoc Shebeleza, i-Amaha ngoba yayenza umehluko emphakathini. Ubesekhankasela i-ANC ukuba abantu bayiseke ukuze iphume kwiDA.
Kwebebehambele lesi sikhumbuzo kungabalwa uBlondie Makhene, Mercy Pakela, Thembinkosi Nciza, Abigail Kubheka, iPhini likaNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko kuleli uNkk Peace Mabe nabanye. Umufi udlule emhlabeni ngoLwesine ngezithuba zabo-10.30 ekuseni, emuva kokudedelwa esibhedlela ngoMsombuluko owedlule.
Lo mculi uqale ukungena ephuma ezibhedlela kusukela ngoJuni 2024. Ekuqaleni kukaDisemba, kumxine kakhulu ukugula kwaze kwadingeka ukuba ahlinzwe. Uhamba nje besekudingeka ahlinzwe okwesibili.
Ngenxa yokuthi bekumba eqolo njengoba bekudingeka lo mculi akhiphe enye imali ewu-R350 000, uDoc Shebeleza ube esenxenxa umphakathi wakuleli ukuba umnikelele ukuze akwazi ukuhlinzwa ngenyanga ezayo.
Nonina wakhe uze wanxusa uNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko kuleli, uMnuz Gayton McKenzie noMphathiswa womnyango eGauteng, uMnuz Matome Chiloane, ukuba basize indodana yakhe ukuqongelela lemali.
Omunye wosaziwayo abancome ubumnene bukaDoc Shebeleza wumrepha, uL-tido. Uthe wanikezwa igunya lokusebenzisa izinsimbi zengoma kaDoc Shebeleza ethi Ghetsa Ghetsa mahhala ngesikhathi eqopha eyakhe eyayithi Steve Kekana. Amagalelo kaDoc Shebeleza enza umrepha uCassper Nyovest wamhlonipha ngengoma ayiqamba ngaye.
UDoc Shebeleza ungomunye wamavulandlela omculo wekwaito futhi wakhipha i-albhamu yokuqala eyayithi Shebeleza neyayiyinoni elithi Ghetsa Ghetsa. Wabe eselandelisa ngengoma eyamenza wavelela emculweni esihloko sithi Skumfete.
Kusukela lapho, uDoc Shebeleza ubesekhipha amanye amanoni okubalwa kuwo elithi Ebumnandini nelithi Jiva Yoyo. Ngenzuzo ayenze ngomculo, uDoc Shebeleza wakhele inqwaba yemindeni entulayo izindlu futhi wafundisa inqwaba yentsha ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Abaculi abezishaya isifuba ngokuthi waba nesandla empumelelweni yakhe ngoHHP, Brown Dash, Prokid, Proverb, Zahara nabanye. UDoc Shebeleza uzofihlwa ngoMgqibelo emathuneni aseWest Park Heroes Acres, eGoli, emuva kwenkonzo ezokuba e-Old Apostolic Church ngo-9 ekuseni.