NAKUBA umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ekwamukela ukuthi isikwati sakhe singesinye seziqine kunazo zonke kwiPremier Soccer League (PSL) kodwa akaphiki ukuthi iqembu liyiqaphe ngelokhozi imakethe yabadlali njengoba kuvuleke iwindi lokuhwebelana ngabo.
Isikwati sePirates esinabadlali abangu-35, sihalisa cishe bonke abaqeqeshi kwi-PSL ngoba kukhona abangaphezulu kuka-10, abadlalela amaqembu abo esizwe ngokwahlukana kwabo.
Kuze kube yimanje kusahamba kahle kanti iPirates isembangweni wesicoco seBetway Premiership, kanti kwiCaf Champions League isizibekisele indawo kuma-quarterfinal.
Lokhu iPirates ikwenze ngaphandle kwenqwaba yabadlali abamqoka abebelimele. Yikhona okuholele ekutheni abezindaba babuze uRiveiro ngemuva kokunqoba kwiCR Belouizdad yase-Algeria, koka-Group C weChampions League, ukuthi iPirates izongena yini emakhethe?
Njengoba iPremiership, neChampions League kungena kuvuthondaba ekubeni maduze kuzoqala iNedbank Cup, iPirates engompetha bayo, uRiveiro uyasibona isidingo sokuzama ukuqinisa yize kusobala ukuthi ugqishe abadlali beqophelo eliphezulu nxa zonke. EZimnyama sezinesikhathi zimataniswa nesibabuli sePolokwane City, u-Oswin Appollis.
Lo mqeqeshi oseyidlile i-MTN8 kule sizini, akazange aphike ukuthi kungenzeka iPirates iqinise isikwati kodwa konke kulele ekutheni batholani.
“Akekho ongakuboni ukuthi ngokwethalente iPirates ibusisiwe cishe kuwona wonke amakhona enkundla kodwa lokhu akuyinqabeli ukuvula amehlo uma kuvuleke imakethe yabadlali,” kusho uRiveiro.
“Ukuvuleka kwewindi yithuba labaqeqeshi lokubophisisa lawo mabhawodi asuke ekhombisa izimpawu zokungaqini ngqi. Bonke abaqeqeshi banawo lo muzwa ngamaqembu abo.
“Ngingakusho ngokukhululeka ukuthi iPirates iyiqaphe ngeso lokhozi imakethe yabadlali ngenhloso yokuvuka nezinduku ezizoyenza iqine nakakhulu.
“Okwamanje akukho engingakusho ngaphandle kokuthi asihlale silinde sibone ukuthi sitholani,” kusho uRiveiro.
IPirates ibabuyisa ngokushiyana abadlali abesebehlale isikhathi eside bengabonakali ngenxa yokulimala okunguThabiso Libitso, noThapelo Xoki. Abangakalulami ngokugcwele kubalwa u-Olisah Ndah Goodman Mosele, nabanye.